Sekushone abantu abayi-13 ngemuva kokuqhuma kwamabhomu amabili endaweni yase-Kabul

Arthur Greene

Phakathi kwemizamo enesiphithiphithi yokukhipha izinkulungwane zabantu e-Afghanistan kube khona ukuqhuma kwamabhomu kabili okwenzeke e-Kabul endaweni yesikhumulo sezindiza ngoLwesine.

Bayishumi nantathu abashonile ngenkathi kuqhuma amabhomu kabili kusho oweqembu elibusayo le-Taliban uReuters.

Ibhomu lokuqala liqhume endaweni egcwele yokungena esikhumulweni sezindiza i-Abbey Gate. Abaphathi baseMelika bathe lokhu kuqhuma kwebhomu kwenziwe idelakufa. Kulaba ekubikwe ukuthi bashonile kubalwa onogada be-Taliban, amasosha aseMelika kanye nezingane.  

Oqhumise ibhomu kubikwa ukuthi uziphose endaweni egcwele abantu e-canalway, kusho ophethe i-Sky News uStuart Ramsay.

“Bekuyindawo enobungozi kakhulu ukuthi umuntu angaya kuyo ngenxa yokugcwala kwabantu abangenayo” kusho uRamsey.

“Asikwazi ukubheka ukuthi abantu baphetheni bangena nani futhi noma bagqokeni engaphakathi”.

Ibhomu lesibili liqhume ngaphandle kwasehhotela elibizwa ngokuthi i-Baron lapho bekuhlala khona amasosha ase-British kanye nezintatheli.

Ukuqhuma kwalelibhomu kuza ngemuva kokuba ucwepheshe wase-Western exwayise ngokuhlaselwa okuseduze futhi okuyingozi.

Lokhu kuhlaselwa sekwenze kwaba nesiphithiphithi endaweni yezindiza e-Kabul, njengoba abantu abayizi-10 000 besazama ukweqa ezweni labo kungakashayi umhla zingama-31 kuNcwaba okuwusuku lomqamula juqu.

Kulandela ukubusa kweqembu le-Taliban ekuqaleni kwalenyanga, izinkulungwane zabantu bangaphandle nabase-Afghanistan bazama izindlela zokuphuma kwizwe labo.

Lendaba iyaqhubeka.

Umthombo wesithombe: @nytimes

Izihloko zakamuva