Sekushone abantu abayi-11 engozini enyantisa igazi

Dylan Bettencourt

Sekushone abantu abayi-11 engozini eyenzeke eXopo, KwaZulu-Natali ngoLwesine ekuseni ingozi enyantisa igazi neyethusayo ngemuva kokuba kushayisane amaloli amathathu nebhasi elincane eliyitekisi kumgwaqo u-R612 ngehora lesishiyagalombili.

URobert McKenzie okhulumela izinsizakalo zezimo eziphuthumayo KwaZulu-Natali uthe “abantu abayishumi nanye balimale kanzima okuholele ekutheni bashone ngesikhathi kwenzeka ingozi. Abezimo eziphuthumayo balaphe iziguli eziyi-12 lapho okwenzeke khona ingozi, kanti abaningi basesimeni esibucayi kakhulu.

Bayisishiyagalolunye abashonele lapho okwenzeke khona ingozi, kodwa ngokuhamba kwesikhathi isibalo sanyuka bagcine sebefike kwishumi nanye.

UMckenzie uqhubekile wathi akukacaci kahle ukuthi ingozi idalwe yini kanti amaphoyisa asaphenya.

Umgwaqo ubusavaliwe ngehora lesibili emini ngoLwesine okwenze kube ne-traffic emgwaqeni u-R612 edale ukuba bathathe isikhathi ukuqeda.

Umthombo wesithombe: @ArriveAlive

Izihloko zakamuva