Dylan Bettencourt
Izikhukhula KwaZulu-Natali zicekele phansi imizi nemigwaqo zadlula nemiphefumulo yabantu ababalelwa ku-45.
UNonala Ndlovu, okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (i-CoGTA) uthe amathimba ezenhlekelele eThekwini atshalwe esifundazweni sonke.
UNdlovu ukuqinisekisile ngoLwesibili ukuthi bangu-20 abantu okubikwe ukuthi bashonile kuze kube manje wengeza ngokuthi lesi sibalo sizonyuka njengoba amaphoyisa esaqhubeka nokusiza ezindaweni ezithintekile.
“Impela zikhona izindawo okungangenwa kuzo ngakho abantu abangahambi kunoma iziphi izindawo, uma usesimweni esiyingozi fika endaweni ephephile uthinte ubuholi bendawo yangakini,” kusho uNdlovu.
Lesi sifundazwe sesivule amahholo ayisishiyagalombili bevulela imindeni elahlekelwe amakhaya efuna indawo yokukhosela.
Abesimo sezulu saseNingizimu Afrika (i-SAWS) babike ukuthi imvula ingase iqhubeke njalo ngoLwesibili ezindaweni ezisempumalanga yezwe.
“Izimvula ezinkulu sezike zana umhlabathi ugugulekile kanti ezinye izindawo zokudlulisa amanzi zigcwele akuhambi lutho,” kusho i-SAWS.
Njengoba abantu basezindaweni ezikhahlanyezwe udaka izikhukhula kanye nokuwa kwezakhiwo bephuma ezindlini zabo kubizwe amasosha ukuzosiza.
UNgqongqoshe we-CoGTA uSipho Hlomuka uthe ugesi uphazamisekile ezindaweni ezithintekile wengezea ngokuthi amathimba ochwepheshe amatasatasa ukubuyisela ugesi.
Unxuse zonke izakhamuzi ezinemizi engakhahlamezwanga izikhukhula ukuba zivule iminyango komakhelwane abasengozini abadinga usizo.
Izindawo eziningi KwaZulu-Natali ngoMsombuluko zibe nemvula efinyelela ezinyangeni ezinhlanu ngokujwayelekile okuhlele ekuvalweni kwemigwaqo eminingi ezindaweni ezahlukene.
UZinhle Mali we-Road Traffic Inspectorate uthe imigwaqo eminingi ibigcwele amanzi kanti eminye ivaliwe ngenxa yezikhukhula.
“Imigwaqo eminingana yase-Manzimtoti esenkabeni yedolobha igcwele amanzi kanti ueMlazi uyindawo okungahambeki kuyoakuhambeki nhlobo,” kusho uMali.
Kubikwa ukuthi umama nendodakazi yakhe bebevaleleke ngaphansi kwemfucumfucu yendlu yabo.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo bakwa-ALS uGarrith Jamieson uthe umndeni ubusemzini wabo ngesikhathi kuwa indlu.
“Ubaba ukwazile ukubaleka kodwa umama namadodakazi amabili balahlekile,” kusho uJamieson.
“Kukholakala ukuthi isihlabathi esingemuva kwendawo siwele endlini yabo.”