Sekushone abantu abangama-20 e-Eastern Cape ngenxa yokuntshontshwa kwempahla

Sandiso Phaliso

Babalelwa kubantu abangama-20 asebebulewe ngenxa yokuziphindiselela endaweni yaseNgcobo e-Eastern Cape selokhu kuqale uNcwaba.

Bayishumi nambili abantu ababulewe kungakapheli nesonto ngemuva kokusolwa ukuthi bayabandakanyeka ekwebeni ezigodini ezihlukene.

Bashawe ngezinduku kwathi abanye bashiswa bephila.

Mhla ziyi-5 kuNcwaba amalungu omndeni akwaMtshotana abulawe ngenkathi umuzi wabo uthungelwa ngomlilo bengaphakathi.

Lo mndeni usolwa ngokuthi wawukhona esixukwini esabulala amadoda ayi-12 ngenxa yokufuna ubulungiswa.

Mhla ziyi-11 kuNcwaba amalungu omndeni amathathu adutshulwa ashona bese kuthi amanye amabili alimala endlini yabo ngemuva kokuzibandakanya empini efaka izidakamizwa.

Okhulumela umndeni wakwaMtshotana uChris Mtshotana uthe “ukulahlekelwa amalungu amahlanu omndeni ngalendlela kusiphula inhliziyo. Lokhu kumele kume awukho umndeni okumele udlule kulobubuhlungu esikubo manje.”

Umndeni wakwa-Mshotana ubekwe endaweni yokugcina ngempelasonto eyedlule.

Isishoshovu somphakathi uThobani Nqadala ohlala esigodini saseNgcobo uthe amaphoyisa awenzi ngokusemandleni ukuthola izigilamkhuba bazibophe.

“Sicelile kumphathi wesiteshi samaphoyisa ukuthi akaqinise ekufakeni amaphoyisa asebenzise izinsiza kusebenza ekulweni nobugebengu, kodwa benza kancane futhi abawufaki umphakathi wethu ezinhlelweni zabo” kusho uNgadala.

UMphakathi uyasaba ukuthi liningi igazi elisazochitheka uma ngabe amaphoyisa awazibophi izigilamkhuba ezithinteka ekubulaweni kwalomndeni.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Tembinkosi Kinana uqinisekise ukuthi bangama-20 ababulewe waphinde wathi uphenyo luveza ukuthi lokhu kubulala kuyabandakanyeka kulamacala okuntshontshwa kwempahla nezidakamizwa.

“Wonke amacala afaka phakathi ukutshontshwa kwempahla nezidakamizwa asaphenywa. Sicela umphakathi onolwazi ukuthi uze kubaseshi uzobatshela ukuthi kwenzakaleni ukuze bakwazi ukuxazulula leli cala.

Umthombo wesithombe: dgmt.co.za

Izihloko zakamuva