Sekushone ababili emayini engasasetshenziswa 

Lubhalwe nguLungani Zungu

Kuminze abantu abathathu emayini engasasetshenziswa esiphenduke indawo yokubhukuda eNseleni futhi uMasipala waseMhlathuze uthi ayikho into ongayenza ngalokho.

IMeya ye-IFP uMnu Xolani Ngwezi uthe lolu daba lusingethwe uMnyango wezokuMbiwa Phansi naMandla kanye noMkhandlu weKhoza Traditional Council ongaphansi kwemayini – engaphansi kwe-Ukumba Brick and Quarry.

“Kuwumsebenzi we-Kumba Brick and Quarry ukuvuselela imayini ikakhulukazi ngemuva kokuyishiya. Benza iphutha ngokuyishiya ingavaliwe kodwa inamanzi phakathi,” kusho uNgwezi.

Umasipala wenze okwanele ukunqanda ukushona kwabantu abaningi, “futhi ngeke sihlezi sikhona uma kukhona umuntu ominzayo,” esho.

UNdoda Manqele (42) ube ngowokuqala ukuminza kule mayini ngoMasingana ngemuva kokwehluleka ukubhukuda.

Ezinsukwini ezimbalwa kwenzeke lesi sigameko izakhamizi ziye kule mayini ziphethe ama-camp chairs, utshwala nenyama kanti noDJ bendawo bebejabulisa izihlwele.

Manje sekushone amadoda amabili (30) nomunye (47) abashone ngemuva kokuminza ngeSonto.

I-Scrolla.Africa sithole ukuthi lezi zigameko azizange zivimbe izakhamizi zendawo ukuthi ziye kule ndawo ziyozijabulisa.

“Owesilisa oneminyaka elinganiselwa kwengu-30 ucishe waminza izolo kusihlwa kanti uye wasizwa amalungu omphakathi amphuthumise emtholampilo

waseNseleni lapho afike washonela khona.

“Omunye wesilisa (47) naye uminze izolo kusihlwa kanti ithimba lethu labatakuli lisanda kuthola isidumbu sakhe ekuseni ngezithuba zehora lesishiyagalolunye,” kusho isitatimende sikamasipala.

UNgwezi uxwayise izakhamizi ngokubhukuda emayini engasasetshenziswa yaseNseleni.

“Imiphumela yamasampula ifakazele ukuthi ngisho namanzi akulelo damu awaphephile ukuthi abantu bengabhukuda kuwo futhi labo ababhukuda khona [babhekene] nobungozi obungadingeki bezempilo.”

NgoMsombuluko abatakuli baphinde babizelwa kule ndawo ngezamampunge zokuthi kukhona ominzile.

Umholi wendawo uMuzi Sangweni uthe: “Sizamile ukukhuluma nohulumeni ngalolu daba kodwa akekho obukeka esithathela phezulu.

Esithombeni esingenhla: Izakhamizi ebezibukele ngesikhathi abatakuli bekhipha isidumbu sowesilisa ominze emayini yaseNseleni engasasetshenziswa.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva