Sekuqubuke umbango ngesiShayamthetho saseKZN 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

I-ANC esifundeni saseThekwini isiphakamise ukuthi isiShayamthetho saKwaZulu-Natal sisuswe eMgungundlovu siyiswe eThekwini ukuze izinto zibe lula. 

Iqembu elimi endleleni yalesi sinqumo i-IFP kanti yona ifuna  isiShayamthetho siye oLundi njengoba iPhalamende lalikulendawo ngaphambi kuka-2004.

Ekhuluma eThekwini uNobhala we-ANC esifundeni, uMusa Nciki uthe empeleni uhulumeni wayehlele ukuhambisa lesi sakhiwo eThekwini ngaphambi kokuthi sithuthelwe eMgungundlovu cishe eminyakeni engamashumi amabili edlule.

I-Scrolla.Africa sitshelwe ukuthi isiShayamthetho besizokwakhiwa e-Workshop eduze kweNkosi Albert International Convention Centre, kodwa isinqumo sashintshwa.

“Sisazosivuselela lesi sicelo sokuthi isiShayamthetho sesifundazwe kumele sithuthelwe eThekwini njengoba kunoMasipala wedolobha kanye nesikhungo sezomnotho,” kusho uNciki etshela i-Scrolla.Africa.

“ITheku lingcono kakhulu kwazise iyona indawo edonsa umnotho kakhulu njengoba kukhona isikhumulo sezindiza iKing Shaka international enendawo eyanele yokupaka nezinye izinsiza.”

Selokhu isiShayamthetho sathuthelwa ebhilidini elidala le Phalamende lamakoloni lamaNgisi eMgungundlovu ngo-2004 ngemuva kokuthi i-ANC ithathe izintambo ku-IFP, bekulokhu kukhalwa ngokungabibikho kwezinsiza eduze. Sekukaningi izikhulu ze-ANC zikhala ngokungakwazi ukupaka nokungakwazi  ukubhukha izindawo zokuhlala eseduze kwebhilidi.

Nokho i-IFP imile ekutheni ifuna uhulumeni abuyele oLundi njengoba isakhiwo sokuqala sesiShayamthetho sagcina singasasetshenziswa izikweletu zayo zaba umthwalo kubakhokhi bentela.

UMnu Blessed Gwala we-IFP esiShayamthetho eKZN utshele i-Scrolla.Africa ukuthi i-ANC kumele ivume ukuthi yenza iphutha elikhulu ngokufuna ukuya eMgungundlovu futhi kumele izithobe ibuyele oLundi.

“Kungani befuna ukuthi zonke izinto ezinhle ziye eThekwini naseMgungundlovu? Njenge-IFP sikholwa ukuthi yonke indawo kulesi sifundazwe nezakhamizi zaso zinelungelo lokuba nezikhungo ezifuze lezi eduze kwazo kungakhathalekile ukuthi zisemadolobheni noma emakhaya,” kusho uGwala.

Isithombe esingenhla indlu yePhalamende eMgungundlovu .

Izihloko zakamuva