Sekuqubuke ukuhlaselwa emngceleni wase-Eritrea

Arthur Greene

I-Tigrayan People’s Liberation Front (i-TPLF) enyakatho ne-Ethiopia ithi i-Eritrea isiqale ukuhlasela phezu komngcele okwabelwana ngawo.

Okhulumela i-TPLF, uGetachew Reda ubhale ku-Twitter ngoLwesibili ukuthi kuqubuke impi ezindaweni eziningi emngceleni.

“I-Eritrea ithumela wonke amasosha ayo kanye namasosha aphethe. Amasosha ethu avikela izikhundla zawo ngobuqhawe,” ebhala.

Abasebenzi ababili batshele abe-Reuters ukuthi kuqubuke udweshu, babika ukuthi kuqhume izibhamu enkambini yabantu abangenamakhaya emaphethelweni edolobhana lase-Ziban Gedena.

Izisebenzi zosizo azizange zikuqinisekise ukuhamba kwamasosha ase-Eritrea emngceleni. Kodwa-ke inxusa elikhethekile laseMelika oPhondweni lwe-Afrika, uMike Hammer uthe iMelika ikubonile ukungenelela kwe-Eritrea futhi yakugxeka.

“Le mibiko isithinta kakhulu futhi siyakugxeka lokhu. Ukuba khona kwamasosha ase-Eritrea e-Ethiopia kwenza izinto zibe nzima, futhi kubhebhethekise isimo esibi.”

Amasosha ase-Eritrea aqala ukungenelela ngemuva nje kokugqashuka kwempi yombango okokuqala ngoLwezi ngonyaka ka-2020 ethatha uhlangothi lwamasosha ase-Ethiopia aholwa nguNdunankulu u-Abiy Ahmed ngokumelene ne-TPLF.

Kodwa-ke bekucatshangwa ukuthi basuse iningi lamasosha abo nyakenye. 

Ukubuyela kwezwe engxabanweni kulandela ukuphela kwempi kwyezinyanga ezinhlanu ngoNcwaba, nokubuyela ngokuphelele empini yombango kanye nokushabalala kwanoma yimaphi amathemba okuthi ukuthula kuke kwaba khona.

Umthombo wesithombe: @GaroweOnline

Izihloko zakamuva