Sekuqubuke izinsolo zokuthi uMasipala waKwaNongoma awusenamali

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Bathwele kanzima abasebenzi bakamasipala waKwaNongoma enyakatho yeKwaZulu-Natal ngemuva kokuthola ukuthi umasipala ubungasikhokheli isikhwama sezimpesheni ingxenye okufanele ikhokhwe yiwo kusukela ngoMbasa kulo nyaka. 

Lo masipala uphethwe umfelandawonye we-ANC, i-EFF, ne-NFP ngemuva kokuketula i-IFP ngoNhlangulana nyakenye. 

Izindaba zokuthi umasipala ubungayifaki imali esikhwameni iKwaZulu-Natal Joint Municipal Pension Fund (NJMPF) zithunyelelwe abasebenzi nge-SMS. 

Isikhwama sicele abasebenzi ukuthi baxhumane nomasipala ngalolu daba. 

“Lungu le-NJMPF elithandekayo. Umqashi wakho akakayikhokhi imali yakho yezinyanga ezimbili okunguMbasa noNhlaba 2024. Sicela uxhumane nomqashi wakho ukuze uthole ulwazi olwengeziwe,” ifundeka kanjalo i-SMS ethunyelwe abasebenzi. 

Ama-SMS asedale ukwethuka kumasipala njengoba abasebenzi benovalo lokuthi lokhu kukhombisa inselelo enkulu yezimali. Uvalo luvele lwakhula kakhulu ngesikhathi amaholo angomhlaka-25 kuNhlangulana ebambezeleka ngamahora ambalwa, okuholele ekutheni abasebenzi babuze imibuzo. 

“Sisola ukuthi umasipala awunayo imali, kodwa awusitsheli leyo mininingwane njengabasebenzi ukuze bangaphoxeki uma iputshuka,” kusho omunye wabasebenzi. 

I-Scrolla.Africa ithole imemorandamu esatshalaliswe kubasebenzi abasezikhundleni eziphezulu emhlanganweni ngoLwesibili. 

Imithombo ithi ibamba lemenenja kamasipala, uMnuz Sipho Nkosi, likhulume kafushane ngezingqinamba zezimali umasipala obhekene nazo. 

UNkosi akazange ayiphendule imibuzo mayelana nalolu daba yize ethunyelelwe imibuzo wabuye wafonelwa kumakhalekhukhwini wakhe ukuze aveze uhlangothi lukamasipala. 

Esithombeni ngenhla: Kusolakala ukuthi umasipala waKwaNongoma ubhekene nezinkinga zemali. 

Umthombo: Sihle Mavuso

Izihloko zakamuva