Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Ayaqina amahlebezi okuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini uhlela ukukhetha itshitshi eMkhosini woMhlanga waseSwatini njengoba umalume wakhe iNgonyama uMswati iii izokhetha ngokusemthethweni indodakazi yowayenguMengameli uMnuz Jacob Zuma.
Imithombo eseNdlunkulu kaZulu idalule ukuthi iNgonyama uMswati iii ibize omunye wamadodana ayo neSilo uMisuzulu kaZwelithini kuleli sonto yabatshela ukuthi njengoba iyokhetha indodakazi kaZuma uNkk Nonkululeko maMhlongo-Zuma okunguNomcebo, ifuna nabo bakhethe izintombi kulo mhlanga oqala kusasa ngoMgqibelo eSwatini.
“Asazi noma iSilo sizogcina sikhethile yini ngoba abanye abantwana baseNdlunkulu kaZulu abeneme ngalokhu. Bakhala ngokuthi iNdlulamithi ayikagcagcelwa ngisho uNdlunkulu wokuqala ukaMayisela waseNewcastle kodwa yagcina imkhehlile.
“Kumanje sisabheke ukuthi aphuthumise ukugcagcelwa ukaMyeni kodwa manje sekuthiwa akathathe enye intombi. Lokhu kubakhalisa kakhulu abanye abantwana,” kusho umthombo.
Omunye umthombo udalule ukuthi isikhalo esikhulu esokuthi uzobafaka kuphi labo oNdlunkulu ngoba izigodlo akakabi nazo kodwa kusengamalawu kayise uMdlokombane.
UNdunankulu kaZulu uMfundisi uThulasizwe Buthelezi ubuze ukuthi abezindaba ngabe bangenaphi kulolu daba lweSilo.
“Abezindaba bangenaphi ngempela ezindabeni zokuganwa kweSilo? Kuhlanganaphi nje ngempela lokhu nomsebenzi wenu. Angiboni ukuthi kukhona okunithintayo kulolu daba,” kusho uButhelezi.
UMkhosi waseSwatini udume ngamatshitshi amahle nokuyilapho iNgonyama uMswati ikhetha khona oNdlunkulu.
Kulokhu uzokhetha iNdodakazi kaZuma uNomcebo okuthiwa isiyekiswe ngisho isikole njengoba ibiyenza unyaka wesithathu eNyuvesi.
Kuthiwa uMswati usevele uyilobole ngenani elingu-R2 million.