Sekuqubuke imibuzo ngokunyamalala koNdlunkulu emikhosini kaZulu

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Sekuqubuke imibuzo ngokunyamalala koNdlunkulu besizwe samaZulu abangasabonwa nangokhalo emikhosini yesizwe.

Labo Ndlunkulu uNtokozo uKaMayisela weSilo uMisuzulu kaZwelithini noNdlunkulu waseNyokeni uNompumelelo uMaMchiza weSilo esibuzile uMdlokombane kanti udaba lwabo belushwashwathwa eMkhosini woMhlanga obungempelasonto.

I-Scrolla.Africa sihabule ukuthi uNdlunkulu ukaMayisela yena akasahlali ngisho esigodlweni ngenxa yokugqabuka kwegoda phakathi kwakhe neSilo uMisuzulu kaZwelithini. 

“Ngikhuluma nawe nje sithola ngandlebenye ukuthi useshiye ngisho isigodlo sakwaNkomonye oLundi. Usehlala efulethini eThekwini. Yingakho-ke engasabonwa nangokhalo emikhosini kaZulu ngoba sengathi ucu alusahlangani phakathi kwakhe neNdlulamithi okuyiSilo uMisuzulu kaZwelithini,” kuchaza umthombo waseNdlunkulu.

UKaMayisela kuthiwa sekucwile ngisho izinhlelo zakhe zenhlangano iMaskolo ayisungula ukusiza intsha, ikakhulukazi izingane zabafana.

Ezinye zazo kubalwa izethembiso azenza e-Howick emcimbini wabesifazane ayewuhambele noNkk Phumzile Mlambo Ngcuka athembisa kuwo ukwakha isikole.

Ngisho iSilo asizange sisho lutho ngaye eMkhosini woMhlanga kodwa besiqhakambisa kakhulu uNdlunkulu waseMachobeni uNomzame KaMyeni ebesimuthakazela sizesihleke kancane.

Ngakolunye uhlangothi uNdlunkulu uMaMchiza ongunina omncane weSilo uMisuzulu kaZwelithini yena kuthiwa selokhu acasulwa ukuqokwa kweNdlulamithi esihlalweni wayiduba yonke imikhosi kaZulu.

“Uyabona nje kuloMkhosi woMhlanga obusesigodlweni sakhe eNyokeni, ubezivalele nabasebenzi bakhe ngaphakathi bematasa bephekela izikhulu njengoba ethole ithenda engasukumi phansi yokuphekela izicukuthwane. Uyabona nje okwakhe manje ukuzenzela imali ngoba akasifuni okwangempela iSilo futhi akazenzisi, uyasenyanya,” kusho uMthombo.

UMaMchiza ubehlale ephambili eMkhosini woMhlanga waminyaka yonke kusekhona uMdlokombane. Ubehlale enconywa ngeqhaza lakhe lokusiza izintombi zoMhlanga ezitholela imifundaze ngisho emikhakheni yezasemoyeni yamabhanoyi.

Nokho kuthiwa okunye okwamdina kakhulu ukuthunyelwa kwamaphoyisa ngo-2022 esigodlweni sakhe, afika ngesidlozana ashaya abanye abantwana okubalwa noMntwana uSimakade kaZwelithini ababesolwa ngokugweva nesigodlo bevimba ukuba kwenziwe uMkhosi woMhlanga.

Okhulumela iNdlunkulu uMntwana uSimphiwe wakwaMinyamanzi uthe akukho abazokuphawula kodwa bacela kuthintwe bona oNdlunkulu ukuba baziphendulele.

Imizamo yokuthola oNdlunkulu iphunzile njengoba izincingo bebengaziphenduli kanti nemiyalezo abathunyelelwe yona abayiphendulanga.

Izihloko zakamuva