Sekuqokwe uNdunankulu omusha eBritain

Arthur Greene

URishi Sunak uqinisekiswe njengoNdunankulu olandelayo wase-UK.

USunak uzoba umholi wesithathu wale ndawo  esikhathini esingaphansi kwezinyanga ezine futhi unethemba lokudambisa izivunguvungu zezepolitiki aphinde asimamise umnotho owiswe  ngabangaphambi kwakhe ababili uLiz Truss noBoris Johnson.

Ungena ehhovisi izinto zingahambi kahle, kodwa akuqali ngaloNdunankulu ukufica inhlekelele ehhovisini. 

Ngeke nje abe ngumholi wokuqala wezwe ngebala nje kuphela, kodwa uSunak uzoba ngowokuqala ukuba nezimpande zase-Afrika.

Abazali bakaSunak bobabili badabuka eNdiya kodwa bazalelwa e-East Africa. Uyise uYashvir Sunak wakhulela e-Kenya kanti umama wakhe u-Usha wazalelwa e-Tanzania.

Bobabili bathuthela e-UK ngo-1980. UYashvir wasebenza njengodokotela ngesikhathi u-Usha enekhemisi lakhe.

USunak wafunda esikoleni esizimele ngaphambi kokufunda eNyuvesi yase-Oxford. Uchithe ingxenye enkulu yomsebenzi wakhe esebenza njengomphathi we-hedge-fund.

Ushade nendodakazi kasozimali waseNdiya uNR Narayana Murthy futhi bendawonye bazakhela umcebo osezingeni eliphezulu.

Waqokwa njengoShansela nguBoris Johnson ngo-2020, kodwa wesula esikhundleni futhi wanquma ukuthi uNdunankulu kumele ehle esikhundleni ekuqaleni kwalo nyaka.

Ubefuna isikhundla sokuba uNdunankulu ngemuva kokuphuma kukaJohnson, kodwa wehlulwa nguLiz Truss.

Emkhankasweni wakhe, kuputshuzwe ividiyo iputshuzwa i-New Statesman eveza uSunak iqhosha kubavoti ngokuthi uthathe imali  ezindaweni ezintulayo futhi wenza isiqiniseko sokuthi ithunyelwa ezindaweni ezinothile.

Ngemuva kokuthi uTruss esule esikhundleni ngoLwesine kuthathe i-Conservative Party izinsuku ezine nje ukuthola umholi olandelayo okunguSunak.

UTruss usule esikhundleni ngemuva kwezinsuku ezingu-44 esehhovisi futhi lokho sekuvuse umsindo ngokhetho lukazwelonke.

Ngemuva kokuthi uTruss evotelwe ngamalungu eqembu uSunak uzoba nguNdunankulu wesibili kulandelana okhuphuke esikhundleni ngaphandle kokuthi kube nokhetho lukazwelonke kuqala.

Isithombe esingenhla ngesikaRishi Sunak

Umthombo wesithombe: @economist

Izihloko zakamuva