Sekuqokwe uNdunankulu omusha e-Britain

Dylan Bettencourt

ULiz Truss uzoba uNdunankulu omusha wase-Britain ngemuva kokunqoba kuRishi Sunak emncintiswaneni wobuholi be-Tory.

Ulandela ezinyathelweni zikaMargaret Thatcher noTheresa May.

Impi yezinyanga ezimbili yokulwela isikhundla esiphezulu e-United Kingdom ifinyelele emaphethelweni ngesikhathi uTuss emenyezelwa njengonqobile nguMnu Graham Brady.

UTruss uthole amavoti angu-57% okungu-81,326 avuna yena kwathi uSunak wathola amavoti angu-60,399.

UTruss uzoba uNdunankulu wesi-56 wase-Britain ngemuva kokuthi uBoris Johnson ephoqeleke ukuthi esule esikhundleni ngoNtulikazi ngemuva kwezinyanga eziningi zehlazo.

Okokuqala ohlwini lwezinto okufanele zenziwe uTruss isimemezelo esihambisana nokubhekana nezintengo zamandla ezikhuphukayo.

Lo Ndunankulu oneminyaka engu-47 kulindeleke ukuthi enze izinguquko ngokushesha kwi-National Health Service (NHS) kanti uThérèse Coffey kulindeleke ukuthi aqokwe njengonobhala wezempilo kanye nephini likaNdunankulu.

UNdlunkulu kulindeleke ukuthi aqoke ngokusemthethweni uTruss njengomholi wase-Britain ngemuva kwalokho uTruss uzobuyela e-England esuka e-Scotland ukuyokwenza inkulumo esemthethweni ngaphandle kwe-Downing Street.

Uphinde abe nguNdunankulu wesine wama-Conservatives kusukela okhethweni lwango-2015. Ukulwa nezinkinga ezimbalwa ngaleso sikhathi iqembu manje sekufanele lilawule izindleko zenkinga yokuphila ngokukhuphuka kwamandla emali ngaso sonke isikhathi.

Kepha lowo ozokuba nguNdunankulu uthi usenalo uhlelo lokunqanda ukwehla kwamandla emali. 

Njengoba izindima zeKhabhinethi ezisemthethweni zizomenyezelwa ngoLwesibili oluzayo imibiko yokuqala iphakamisa ukuthi ngeke kube khona noma imuphi umuntu wesilisa omhlophe emahhovisi amane amakhulu ombuso wase-Britain.

Umthombo wesithombe: @Reuters

Izihloko zakamuva