Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Seliqokwe njengeMeya entsha yase-Ekurhuleni ikhansela le-African Independent Congress (AIC) uMnu Sivuyile Ngodwana.
UNgodwana uthole amavoti angu-129 ehlula lowo owayeyiMeya, uTania Campbell othole amavoti angu-75.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokukhishwa kukaCampbell ngesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe, amakhansela angu-126 avotele ukuthi asuswe esikhundleni kanti angu-91 aphikisana nesiphakamiso.
Lesi siphakamiso sethulwe emasontweni amathathu edlule iqeqebane lamaqembu amancane aziwa nge-Super Seven ahlanganisa i-IRASA, i-African Independent Congress, i-PAC, i-Cope, i-UDM, i-ATM kanye ne-Independent Citizens Movement.
Amaqembu aphikisa ngokuthi uCampbell akanalo ikhono lokuba umholi njengoba ehlulekile ukuthuthukisa nokwenza izinhlelo zesikhathi eside zokwenza ngcono izinsiza kuMasipala omkhulu.
Ngemuva kokukhethwa kwakhe, uNgodwana uthe uzokubeka nokusiza ukulethwa kwezidingo kubantu abamnyama.
“Ezinyangeni ezingu-16 ezedlule, ngaphansi kukahulumeni wokubambisana we-DA, le miphakathi ibifuna izidingongqangi ebezilethwa ezindaweni ezingaphansi kwedolobha kanye nasemiphakathini yabamhlophe,” kusho uNgodwana.
“Ngizoqinisekisa ukuthi izakhamuzi zase-Ekurhuleni ziyazithola izidingongqangi nokuthi kunozinzo emkhandlwini.”
UNgodwana uthe ngokuxoxisana namanye amakhansela, uzoqoka oNdunankulu abasha abakulungele ukuthi bahlale phansi ngaso sonke isikhathi.
Ngemuva kokhetho, uNdunankulu wase-Gauteng, uPanyaza Lesufi uthe ujabule ngokuthi oMasipala abathathu ababalulekile esifundazweni baqoke abaholi abasha.
“Siyajabula nokuthi iziMeya ezisanda kukhethwa zikulungele ukusebenzisana nohulumeni wesifundazwe,” engeza.
ULesufi uziphikile izinsolo zokuthi izimeya eziqokwe emaqenjini amancane zingonodoli.
“Akusilona iqiniso leli, lezi iziMeya eziphezulu ezikhethwe ngokwentando yeningi. Ngokubambisana bazosebenzisana ukuletha izidingo.”
Isithombe esingenhla: USivuyile Ngodwana
Umthombo wesithombe: UDoreen Mokgolo