Sekuqiniswe ezokuphepha eduze neSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Sisasengozini enkulu iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini.

Uhulumeni wakuleli unikeze iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini uphiko lwe-Presidential VIP Protection Unit kulandela ucwaningo lwakamuva lwezokuphepha endaweni yeSilo sakwaZulu.

Lolu phiko lujwayele ukunikezwa umphathi wombuso, iPhini likaMengameli, oMengameli bangaphambilini, yilabo ababengamaPhini kaMengameli kanye nejaji elikhulu leNkantolo yoMthethosisekelo.

UMntwana uMangosuthu Buthelezi ushaqise isizwe ngeledlule ngesikhathi ethi ezokuphepha esigodlweni seSilozisezingeni eliphezulu.

“Kunophenyo olubucayi olwenzekayo namanje.”

UButhelezi uthe ubikele uKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke ukuthi iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini usengozini enkulu, wengeza ngokuthi kudutshulwe othile ohlangene nophiko lwezokuvikela.

ISilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini uthole uphiko lwezokuvikela oluqhamuka kwa-SAPS olwaluvikela uyise osakhothama iSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.

I-Scrolla.Africa sithole ukuthi amalungu amaningi alolu phiko anethezeka kakhulu emsebenzini, aphuze uphuzo oludakayo futhi baphinde bakhe ubungani namalungu omndeni okwenza kube noqhekeko ebukhosini bukaZulu. 

“Empeleni iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini bekumele avikelwe uphiko lwe-VIP kaMengameli kusukela kwaqala ukubusa kwakhe. 

Ngakho-ke, amalungu e-SAPS asusiwe ukuze kubekwe uphiko lwe-Presidential VIP Protection Unit,” kusho umthombo utshela i-Scrolla.Afrika.

“Okunye uphiko lwamaphoyisa e-SAPS alusasebenzi ekuvikeleni ukuphepha kweSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini ngenxa yokuziphatha kwabo budedengu.”

Ihhovisi leSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini alizange lifune ukuphawula ngalolu daba.

Kuphinde kwaba nokubuyekezwa kwabasebenzi abaseduze neSilo abavamise ukwephula umthetho olandelwayo wendabuko.

Uphiko lwe-Presidential VIP Protection Unit obekucatshangwa ukuthi luseceleni kwakhe okwesikhashana, belunaye kusukela kwavulwa isiShayamthetho sase-KZN.

Ngesikhathi ethula inkulumo yeSifundazwe kaNdunankulu uNomusa MaDube Ncube, iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini wakhishwa emhlanganweni ngemuva kokuthi uphiko lwe-Presidential VIP Protection Unit luthole isimo esibeka impilo yakhe engcupheni.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Athlenda Mathe uthe: “I-SAPS ayizidaluli izindaba ezithinta ukuphepha nokuvikeleka mayelana nokuhlinzekwa kwezinsiza zokuvikela i-VIP kuzo zonke izicukuthwane ngoba ukudalula imininingwane enjalo kungaba usongo nobungozi kubo bonke abathintekayo.”

Esithombeni esingenhla: Ilungu loPhiko lwe-VIP kaMengameli liphelezela iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini ethula inkulumo yesifundazwe eMgungundlovu.

Umthombo wesithombe: I-Twitter

Izihloko zakamuva