Sekuqalile ukufuduka kwabadlali eYurophu

Joyina uRazeen Gutta kwezemidlalo ngezivumelwano zokudayiswa kwabadlali ezenzeka kuleli naseYurophu.

I-Manchester City ibukeka izodayisa abadlali bayo ababili abadumile emaqenjini ayisithupha njengoba uGabriel Jesus noRaheem Sterling bebukeka bezohamba. Khonamanjalo, umfana wasePitoli uKeegan Allan uvusa isasasa e-Italy. Ezakamuva.

EYurophu

Ukuthuthela kukaGabriel Jesus  kwi-Arsenal sekuzophothulwa, kanti lo mdlali wase-Brazil usezosayina inkontileka yeminyaka emihlanu okubikwa ukuthi izobiza u-£45 million (±R900 million).

Kubikwa ukuthi uzakwabo kwi-Man City uRaheem Sterling, usezoya kwi-Chelsea kanti ompetha be-Premier League bazolahlekelwa ngabadlali ababili abadlala phambili ababangwa amaqembu ayisithupha ezinsukwini ezimbalwa.

Kunamahlebezi okuthi i-Liverpool nayo isembangweni womdlali wayo wakudala. Kodwa-ke lo mdlali waseNgilandi usevumelene ngemibandela yakhe ne-Blues. Ngokusho kukachwepheshe wokudluliswa kwabadlali uFabrizio Romano, ibhidi lesibili lokudlulisa lilungiswa uhlangothi lukaThomas Tuchel.

Ukuthi i-Chelsea iyamthola uSterling noma cha kusazobonakala, futhi kubikwa ukuthi uMarco Asensio ufunwa i-Blues.

Njengoba sekusele unyaka enkontilekeni yakhe ne-Real Madrid kubikwa ukuthi ompetha baseYurophu badayisa lo mdlali cishe ngo-£35 million (±R700 million). Lo mdlali wase-Spain bekungathi ufunwa kakhulu i-AC Milan kanti manje sekubukeka sengathi i-Chelsea nayo imbhekile.

Kwenye indawo eYurophu, isihlabani se-Ajax uLisandro Martinez usezodlulela kwi-Premier League ne-Manchester United kanti kuthiwa i-Arsenal ikhombisa intshisekelo ngalo mdlali wase-Argentina.

Njengoba esesebenze nalo mdlali, kube nokuqagela kokuthi u-Erik Ten Hag ufuna ukumletha kwi-Manchester United.

Ngakolunye uhlangothi kukholakala ukuthi i-Gunners isifake izicelo ezimbili ngalo mdlali. I-GOAL ibike ukuthi  ukwenqatshwa kwesicelo sika-£29 million yiqembu likaMikel Arteta sekunikeze i-Ajax u-£35 million (±R700 million) ngalo mdlali (24).

Imibiko yaseYurophu ithi i-Liverpool inentshisekelo yokuletha umdlali wasesiswini we-Borussia Dortmund uJude Bellingham kwi-Anfield.

Ama-Reds asanda kulahlekelwa uTakumi Minamino kwi-AS Monaco kuleli sonto, kanti umgadli wabo odumile uDivock Origi, ukuqinisekisile ukuthuthela kwakhe kwi-AC Milan.

Njengoba la bagadli ababili behambile ezinsukwini ezimbalwa ngemuva kokuhamba kukaSadio Mané, uJurgen Klopp ubukeka engakhohliwe ngokuntuleka kwabadlali abadlala esiswini.

ENingizimu Afrika

Ezindabeni zakuleli, kubikwa ukuthi isihlabani somdlali weMamelodi Sundowns uKeegan Allan, usezakhele udumo e-Italy. Lo mdlali wasemuva (21), okwamanje odlalela i-University of Pretoria, usebhekwe ngabomvu i-Orlando Pirates.

Kodwa-ke, i-Soccer Laduma manje isibike ukuthi amaqembu e-Serie A i-Hellas Verona kanye ne-Spezia Calcio nawo azimisele ngokuletha lo mdlali eYurophu.

Umdlali weBafana Bafana, uPule Mmodi, naye usematheni ezindabeni zakamuva nje, kanti amaqembu ase-Soweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, kubikwa ukuthi zimqaphe ngeso lokhozi lo mdlali (29).

Lo mdlali wasesiswini weGolden Arrows ubonakale ezilolonga neqembu lakhe. Kodwa-ke i-SABC Sport ibike ukuthi i-Arrows isazimisele ngokudayisa kanti iChiefs iyona ezokhetha kuqala kunoma yisiphi isivumelwano.

Izihloko zakamuva