Sekuqala ukuntwela ezansi kwiChiefs  

Lubhalwe nguMichael Madyira

Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane uthi bazoqhubeka nokuletha imiphumela emihle kodwa uyavuma ukuthi isayinde indlela.

Yize isiwine imidlalo emine, iChiefs isalokhu igxekwa ngendlela ewina ngayo.

Leli qembu lase-Soweto lishaye amagoli ambalwa kwi-Premier Soccer League nakwi-Nedbank Cup.

Lo mkhankaso wokushaya amagoli uqale ngesikhathi iChiefs ihlula i-Orlando Pirates ngo 1-0 kowomkhaya baseSoweto kwalandela umphumela ofanayo ngesikhathi bedlala neRichards Bay.

Ngemuva kwalokho baye baqhubeka ngesikhathi behlula iCasric Stars ngo 2-1 ukuze bafinyelele kuma-quarter final e-Nedbank Cup.

NgoMgqibelo bebhekene neMaritzburg United, iqembu likaZwane belihamba phambili ngo 2-0 emizuzwini eyishumi kuqale umdlalo ngaphambi kokuthi osokhaya balinganise ngamagoli amabili ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini.

Kube iphenalthi kaYusuf Maart eyenze ukuthi iChiefs iwine ngo 3-2.

“Besingenza kangcono futhi kusobala ukuthi sinethuba lokuthuthuka,” kusho uZwane kwabezindaba ngemuva kokunqoba.

“Sizoqhubeka nokuletha imiphumela emihle futhi sizoqhubeka nokusebenza kanzima kuze kube konke kuhamba ngendlela yethu.”

Ukuphawula kukaZwane sekuphenduke isitatimende njengoba ehlezi ekhala ngabadlali bakhe.

Ngaphandle kwalokhu kuwina iChiefs igixabezwe ngamaphenalthi ayisishiyagalolunye kule sizini, kanti yilona qembu elithole amaphenalthi amaningi kwiligi.

Yize iChiefs ingakhangi kangako ebholeni, ikwazile ukuhlala embangweni wokuhlungela amaqembu amabili ahamba phambili.

Njengoba sekusele imidlalo eyisikhombisa yeligi inamaphuzu angu-21, leli qembu lase-Soweto selisele ngamaphuzu amabili kuphela ngemuva kweSuperSport United esendaweni yesibili.

Nabo banethuba lokuqeda isizini bephethe isiliva nokuqeda isomiso seminyaka eyisishiyagalombili ngokuwina i-Nedbank Cup .

Esithombeni esingenhla: Maritzburg United vs Kaizer Chiefs

Umthombo wesithombe: Kaizer Chiefs

Izihloko zakamuva