Lungani Zungu
Esikhathini esingangesonto ngemuva kwengozi yebhasi eyadlula nemiphefumulo yabantu abayishumi emgwaqeni u-N3, iKwaZulu-Natali ibe nenye ingozi yebhasi enyantisa igazi.
Abantu abangama-56, kuhlanganisa nengane enezinyanga eziyi-18 izelwe, baphuthunyiswe esibhedlela. NgoLwesibili ekuseni akekho obesabikwe ukuthi ushonile.
Ingozi yenzeke emgwaqeni u-R56 ngase-Mkomass Valley eduze kwaseXobho ngoMsombuluko ebusuku.
Ngenkathi kusaqhubeka uphenyo ngale ngozi, umbiko ongaqinisekisiwe uthi umshayeli webhasi uhlulekile ukulawula ibhasi ngenxa yokuthi bekunenkinga yomshini.
UCraig Botha, okhulumela iKwaZulu Private Ambulance, uthe abagibeli abayi-10 bathole ukulimala kanzima futhi isimo sibucayi kakhulu, kanti abangama-26 balimale kabi kwathi abangama-22 bathole imihuzuko emincane.
Uthe iziguli zilashelwe endaweni yesigameko zaphuthunyiswa esibhedlela ukuze ziqhubeke nokunakekelwa.
Uthe kusolakala ukuthi ibhasi ibinamaphutha emishini, kodwa wathi amaphoyisa asaphenya.
Ngesonto eledlule kushone abantu abayishumi engozini yebhasi eyenzeke emgwaqeni u-N3 phakathi kweTheku neGoli ngemuva kokuthi ibhasi kusolwa ukuthi liqhunyelwe isondo, okuholele ekutheni umshayeli ahluleke ukulawula ibhasi.