Lungani Zungu
UDr Sandile Buthelezi, umphathi womnyango wezempilo angazithola esenkingeni mayelana nemali eyizigidi ezi-150 zamarandi kwinkontileka ye-Digital Vibes ngemuva kokuba amiswe ngoMsombuluko.
OwayenguNgqongqoshe wezempilo uDr Zweli Mkhize wamiswa uMengameli uCyril Ramaphosa ngaphambi kokuba uMkhize asule esikhundleni sakhe ngoNhlangulana kulandela izinsolo zemali yenkontileka yezigidi ezi-R150. Kwaqokwa uDr Joe Phaahla njengoNgqongqoshwe omusha wezempilo.
UButhelezi umisiwe esikhundleni uyoze avele emhlanganweni wangaphakathi wokuqondiswa kwezigwegwe ngendima yakhe ayidlala kwinkontoleka eyayilungisiwe, kusho uMnyango.
Okwamanje, uDr Nicholas Crisp, oyiphini lomphathi yomshwalense kazwelonke, uzobamba lesi sikhundla okwesikhashana.
Inkampani ebizwa nge-Digital Vibe iphethwe uTahera Mther kanye noNaadhire Mitha, abaziwa njengabangani abakhulu bakaMkhize baphinde basondelane nomndeni wakhe kakhulu.
Abezophenyo olukhethekile bathi uMkhize wafakela abaphathi ingcindezi ukuze banikeze i-Digital Vibe inkontileka.
Asikwazanga ukuthola uButhelezi kumakhalekhukhwini wakhe.
Amaqembu epolitiki amukele ukumiswa kukaButhelezi.
“Sesibone ukukhwabanisa okuningi ngaphansi kwesandla sikahulumeni weqembu le-ANC beshaye engathi ababoni, futhi lokhu angeke kube okokuqala,” kusho ilungu le-DA uSiviwe Gwarube esho kwisitatimende.
“Okhulumela iqembu le-IFP emnyangweni wezempilo uNcamisile Nkwanyana uthe: “kumele lusukunyelwe lolu daba. Sikhathele abaphathi bakahulumeni abenza inkohlakalo. Lolu daba sizolilandela kakhulu.”