Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Esigamekweni sokubulala ngesihluku kudutshulwe kwabulawa obeyosoka elokishini lase-Gqeberha e-Walmer ezintatha zangoLwesibili.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Priscilla Naidu uthe izelamani ezimbili bezilele etendeni esikoleni sokusoka ngesikhathi zibizwa kuthiwa ziphumele ngaphandle ziyobhema.
“Ngesikhathi bengaphumi kungene amadoda amabili etendeni adubula isisulu (28) ekhanda,” esho.
UNaidu uthe imbangela yokudubula ibingakaziwa okwamanje. Uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala.
Iforamu yabesilisa yase-Gqeberha iPhila Ndoda Movement ithe lesi sigameko ngesokuqala endaweni yase-Gqeberha.
Usihlalo wePhila Ndoda uZolile Dayimani udlulise amazwi enduduzo emndenini wesisulu.
“Kuyishwa ukuthi umndeni obulindele ukubungaza ukukhula kwendodana yawo usuzohlela umngcwabo,” esho.
Ugqugquzele abesilisa ukuthi babambe iqhaza elibonakalayo ohlelweni lokusoka ukuze baqinisekise ukuphepha kwabasokayo.
Isishoshovu samalungelo abantu uMnu Petros Majola uthe isimo siya ngokuba nzima.
“Lokhu kufa kuyashaqisa; siphelelwa izinto esingazisho. Isimo siya ngokuba sibi,” kusho uMajola.
Ukubulawa okwenzeke ngoLwesibili ekuseni kwenze isibalo sabashonile e-Eastern Cape ngesikhathi sonyaka ka-2023 sifinyelele ku-13.
Izimbangela zihlanganisa ukuphelelwa amanzi emzimbeni nokushaywa.
NgoLwesibili ngesonto eledlule izelamani ezine zidutshuliwe esikoleni sokusoka kwashona abathathu kwasinda oyedwa.
Esithombeni esingenhla: intambo yamaphoyisa
Umthombo wesithombe: File