Sekuphinde kwabulawa omunye umholi wendabuko 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kudutshulwe kwabulawa umholi wendabuko KwaZulu-Natal ngempelasonto yokuzilela iSilo saMaZulu esakhothama uZwelithini kaBhekuzulu.

UGibson Mbuyisa ubulawe eduze kwebhizinisi lakhe eMahlabathini oLundi izigebengu ebezifuna ukuthenga utshwala nogwayi ngoMgqibelo.

Ukushona kwakhe kunyuse isibalo sokubulawa kwabaholi bendabuko KwaZulu-Natal safinyelela ku-52 kusukela ngo-2012.

Amalungu omndeni akhulume ne-Scrolla.Africa ngaphansi kwemibandela yokungadalulwa amagama akholelwa ekutheni kungenzeka ukuthi lolu daba luhlobene nombango wesikhundla sakhe sokumela iSilo uMisuzulu kaZwelithini endaweni engaphansi kweNkosi uVukile Ntombela.

“Ngesikhathi laba bantu befika ebhizinisini lakhe ubekhona eyolanda unkosikazi wakhe. Bacele i-Savannah nogwayi kodwa batshelwa ukuthi akukho lutho.

“Baye baphikelela bagcina beze kuyena bamdubula washonela endaweni yesigameko,” kusho ilungu lomndeni.

Ilungu lomndeni lithi namanje abakaqondi ukuthi ubulaweleni.

“Naye ubesebhizinisini lamatekisi kanti ubebhekene nenkinga yombango wesikhundla sakhe,” kusho isihlobo.

Umholi we-National Freedom Party e-Zululand uMnu Siphamandla Ntombela uthe sekuyisikhathi sokuthi uhulumeni athathele phezulu izimpilo zabaholi bomdabu.

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uNkk Bongi Sithole-Moloi uthe baphatheke kabi ngokubulawa kukaMbuyisa obeyiso leSilo endaweni.

Ukubulawa kwakhe kuza ngemuva kwezinsuku kukhalwa ngokuphepha kwabaholi bomdabu KwaZulu-Natal.

Okhulumela amaphoyisa uConstable Thenjiwe usiqinisekisile lesi sigameko wathi bekungakaboshwa muntu.

Esithombeni esingenhla: Lowo obemele iSilo uMisuzulu kaZwelithini uGibson Mbuyisa.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva