Sekuphele izinyanga ezintathu abasebenzi be-ANC bengakhokhelwe

Lungani Zungu

Iqembu elibusayo alikakabakhokheli abasebenzi cishe sekuphele izinyanga ezintathu – abanye basengcupheni yokulahlekelwa imizi yabo nezimoto.

Unobhala oyisekela le-ANC u-Jessie Duarte uthe bayahluleka ukukhokhela abasebenzi.

Uthe abaxhasi bezimali balishiya leli qembu ngemuva kokuba uMengameli uCyril Ramaphosa esayina isivumelwano sokuthi amaqembu ezepolitiki kumele asebenzise umthetho we-funding act ngowezi-2019.

Lo mthetho uphoqa amaqembu ezepolitiki ukuba badalule obala abatshala izimali kumaqembu abo.

UDuarte uthe amaqembu epolitiki athembele kubatshalizimali ukuze akwazi ukusimama.

Kodwa oyisisebenzi se-ANC uyaziphika lezinsolo.

“Akusilo iqiniso, uma ngabe sithembele kubatshali izimali, kungani abaphathi abaphezulu besawathola amaholo abo mhla zingama-25 ngaphambi kokuhluleka”, kubuza umsebenzi ongafunanga sidalule igama lakhe ngoba esaba ukugxekwa.

Umsebenzi osesebenze eLuthuli House iminyaka eyishumi uthe ukungakhokhelwa kwabo kwenziwe ngamabomu.

“Uma singakhokhelwa kuze kushaye isonto, elizayo kuzomele ngiphindisele imoto yami ngoba ngizobe sengihluleka ukukhokhela isikweletu sayo”.

Abaphathi abaphezulu bakhokhelwa ngesikhathi, kodwa abasebenzi abafukuzayo sebelinde izinyanga ezintathu bengakhokhelwe.

Njengoba i-ANC kuthiwa ayinamali, kodwa basakwazi ukukhokhela abantu abanjengo-Ace Magashule ongunobhala jikelele osamisiwe, kodwa usathola imali eyizi-133,000 ngenyanga.

Okunye esikubukayo ophethe izimali ze-ANC uJenene Paul Mashatile benoDuarte akukho okushintshile ezimpilweni zabo basakwazi ukukhokhela onogada babo baphinde bathole umholo wabo ngesikhathi. 

USizophila Mkhize oyilungu le-ANC youth league uzwakalise ukudinwa kwakhe.

“NgoNcwaba mhla zingama-25 bekumele ngabe siyahola, kodwa sixhashazwa phezulu komkhulu be-ANC”.

Usizi olukubasebenzi be-ANC abasebenza eLuthuli House angeke bakwazi ukuliziba kusho uSizophila.

Abasebenzi komkhulu be-ANC  bebesebenza kancane kulamasonto adlule ngenxa yokungakhokhelwa.

Lokhu kwenze iqembu lahlehlisa usuku lokuvotela ohulumeni bendawo lihlehle libe ngeSonto ngehora leshumi nanye.

Okhulumela iqembu le-ANC uPule Mabe uthe lolu daba olwangaphakathi.

Incwadi etholwe abasebenzi ngoLwesithathu ivela kumphathi we-ANC uFebe Porgieter uthe sidlulisa ukuzisola ngokungakhokhelwa kwenu.

“Ngeshwa umholo kaNcwaba ngowezi-2021 obekumele ungene mhla zingama-25 uzothi ukubambezeleka”.

Izihloko zakamuva