Sekuphele izinsuku ezingaphezu kweziyisithupha izakhamizi zingenamanzi

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Abantu baselokishini lase-Alexandra nasezindaweni ezakhelene nayo eGoli bathukuthelele ukuthi sekuphele izinsuku ezingaphezu kweziyisithupha bengenawo amanzi.

Iloli elihambisa amanzi libonakale lisuka komunye umgwaqo liya komunye, abantu beshaye ujenga namabhakede beyokha amanzi.

Isakhamuzi uMaria Sijaphala uthe sekuphele izinsuku eziyisithupha leli lokishi lingenamanzi.

“Ompompi bomile. Asikwazi ukwenza lutho ngaphandle kwamanzi. Imizi yethu ingcolile futhi iyanuka,” kusho Sijaphala.

USijaphala uthe iloli eliletha amanzi elokishini alihlangabezani nesidingo njengoba abantu abaningi bebuyela emakhaya namabhakede angenalutho.

UTumelo Masite ophethe i-Ekasi Gym kuleli lokishi uthe usezikhiyile izindlu zangasese ezisetshenziswa abantu abasuke bezoziqeqesha.

“Amanzi awekho, futhi abantu abakwazi ukugeza izindlini zangasese. Kungcono uma uhulumeni engasitshela ukuthi ngeke akwazi ukusinika amanzi ukuze sazi ukuthi yini okumele siyenze ngokulandelayo,” esho.

Izindawo eziseduze nazo zithinteka ngokufanayo.

Othisha basesikoleni samabanga aphansi i-Lyndhurst bathi abakwazi ukugcina izingane ekilasini ngoba amanzi awekho emagcekeni.

“Kudingeke ukuthi sazise abazali kanye nezithuthi zabafundi ngokusebenzisa amaqembu emiyalezo ukuthi beze bazolanda izingane zabo,” esho.

E-Tsakani kanye nase-Ekurhuleni izakhamizi ezikhungathekile zivale imigwaqo ngemfucumfucu, amatshe, namathayi avuthayo zibhikishela ukungabibikho kwamanzi.

Okhulumela amaphoyisa kaMasipala wase-Ekurhuleni uMoses Mapike uthe amalungu omphakathi agcwale imigwaqo ngezithuba zabo-05:00 ngoLwesihlanu.

“Izakhamizi zithe bezilokhu zingenawo  amanzi kusukela emasontweni amane adlule,” esho.

“Amaphoyisa kamasipala nezinye izinhlaka zomthetho zitshalwe endaweni ukuze ziqaphe umbhikisho.”

UMapike uthe isimo besehlile emini futhi bekubonakala amaphoyisa egcwele.

Esithombni esingenhla: Abantu e-Alex befole ulayini wamanzi.

Umthombo wesithombe: Everson Luhanga

Izihloko zakamuva