Sekuphele iminyaka engama-27 uBiyela elinde indlu yomxhaso

Lungani Zungu

Uma ngabe ubheka, akekho ongakusola ekucabangeni ukuthi akekho umuntu ohlala kulesi sakhiwo esiyiqhugwane esisesimeni esingesihle esigodini sase-Ezikhumbeni endaweni yasoLundi. 

Kodwa lena indawo uNgoyi Biyela oneminyaka engama-59 ubudala ohlala endaweni yasoLundi enyakatho naKwaZulu-Natali, ayibiza ikhaya.

“Sengilahle ithemba lokuthi ngoke ngiyithole indlu yomxhaso. Sengikwamukele ukuthi leli ikhaya lami ngizoshonela khona lapha,” kusho uBiyela etshela i-Scrolla.Africa. 

UBiyela akasebenzi futhi akakafiki emnyakeni lapho engathola khona impesheni njengoba eneminyaka engama-59 ubudala. 

Ngemuva kweminyaka engama-27 uBiyela uthi usekhathele ukulinda indlu yomxhaso futhi angeke esavota. 

“Sikuphi isidingo sokuvota uma ngabe osopolitiki bengazigcini izithembiso zabo abaqala ukuzenza ngonyaka wezi-1994. Ngizohlala endlini yami ewayo ngigcine nevoti lami,” kusho uBiyela. 

Induna yendawo uNkosingokwakhe Mthembu unxenxe uhulumeni ukuba asize ngodaba lukaBiyela. 

“Sekuneminyaka ngihlezi ngizama ngamandla ami wonke ukuthi athole okuya ngasethunjini. 

“Ngiyacela ukuba uhulumeni angenelele ukusiza uBiyela esimeni ahlala kuso esingesihle,” kusho uMthembu. 

Amalungu omndeni kaMthembu asashona, ngisho nezingane zakhe ezimbili futhi uhlala yedwa. Akekho omnakekelayo. 

UBiyela ungomunye wabantu abangenawo ugesi kanye namanzi endaweni. 

Umakhelwane uKhumbulani Ngcobo uthe: “Engikubona mihla namalanga kubuhlungu kakhulu. Akekho umuntu okumele aphile ngaphansi kwesimo esiphila uBiyela”. 

Uhulumeni wesifunda saKwaZulu-Natali uthe uzokhipha izinsizakalo eziyisisekelo ukusiza abantu abanhlwempu esifundazweni.

Izihloko zakamuva