Sekuphele amasonto amathathu zingakatholakali izingane ezintathu ezithunjiwe

Dylan Bettencourt

NgoLwesibili kuhlanganise izinsuku ezingama-20 kwathunjwa izelamani ezine zakwaMoti ziya esikoleni e-Polokwane e-Limpopo.

Sekuphele amasonto amabili amaphoyisa enganikezi lutho olusha.

Izelamani ezine uZila, uZayyad, u-Alaan noZidan bathunjwa ngomhla zingama-20 kuNcwaba ngesikhathi beyiswa esikoleni esizimele i-Curro Heuwelkruin. Amadoda ayehlomile adubula imoto baphoqelela izingane ngenkani ukuthi ziphume emotweni, bashiya umshayeli.

Abaningi babelindele ukuthi abathumbi bafune isamba semali ukuze izingane zibuye ziphephile, kodwa amaphoyisa awakaze akuqinisekise ukuthi kunjalo.

UZidan onguthunjana kuzelamani, ubezogubha iminyaka eyisikhombisa ngeSonto njengoba abantu ezinkundleni zokuxhumana beqhubeka benxusa ukuthi bonke abantwana babuye bephephile.

Abazali balezi zelamani ezine, uNazim noShakir Moti, bangabantu abavelele kwezamabhizinisi e-Polokwane, futhi bahlala endaweni engaphansi kwe-Nirvana.

Emasontweni amabili edlule, uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnumzane uBheki Cele, uthe amaphoyisa enza ngakho konke okusemandleni awo ukube aphenye ngalolu daba lokuthunjwa kwezelamani.

“Icala elinzima, kodwa ngokungangabazeki sesithuthukile. Kukhona ukulandelelwa kwezindaba.   Njengamanje sinethemba lokuthi amaphoyisa azolicubungula leli cala,” kusho uNgqongqoshe.

UCele uthe noma yiziphi ezinye iziphathimandla ezithintekayo akekho ophenyweni oseke wanikeza isitatimende sezimpendulo. 

Owayekhulumela amaphoyisa uManie van der Merwe ukholelwa ukuthi kungase kuthuleke kwabezindaba ngenxa yokuthi icala lisesigabeni esibucayi.

“Ukuthula kubalulekile. Uma kuthuliswa abezindaba ngesigameko esisezingeni eliphezulu njengalesi, ngokuvamile kusho ukuthi uhlobo oluthile lwesixazululo luseduze,” kusho uManie.

Njengoba izinto zimile, sekuphele izinsuku ezingama-20, iNingizimu Afrika isalokhu isebumnyameni mayelana nokuthi bagcinwephi abantwana.

Izihloko zakamuva