Sekuphele amasonto amahlanu omasipala abane bengenawo ugesi ngenxa yezikhukhula

Sandiso Phaliso

Ngomhlaka-13 kuZibandlela ngonyaka odlule, isiphepho esinamandla esahlasela omasipala besifunda i-Chris Hani, iMathole, i-O.R.Tambo ne-Alfred Nzo zabashiya zashiya imiphakathi yakulezi zindawo ebumnyameni. 

Kuze kube manje sekuphele amasonto angaphezu kwamahlanu, ugesi awukakabuyiselwa ezigodini ezingaphezu kuka-50.

Ngesikhathi u-Eskom uzama ukusheshisa ukulungiswa kwezigxobo zikagesi nezingqalasizinda, kuvele kwasuka esinye isiphepho endaweni efanayo ngempelasonto edlule.

Ukudla okungaphakathi kwamafriji kwabola ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi kanti izakhamuzi kwadingeka ukuthi zisebenzise amakhandlela okukhanyisa kanye nezitofu zikapharafini uma bepheka.

Izakhamuzi azikwazi ukungena ku-inthanethi njengoba kungekho ngisho i-signal ngaphandle kukagesi.

Omakhalekhukhwini ukuze bahlale bengacishi izakhumuzi zihamba amakhilomitha angu-30 ukuyoshaja  kwesinye isitolo abasibiza ngokuthi i-Alice.  Etekisini ukhokha imali engu-R50 ukuya nokubuya futhi kubiza u-R5 ukushaja umakhalekhukhwini owodwa.

Ilungu lomphakathi uZingisa Gxolo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi: “Ibuhlungu lendlela esiphila  ngayo impilo yethu. Asisakwazi noku-ayina izingubo zethu. Sithenga imikhiqizo emisha usuku nosuku okwenza ibize kakhulu. Izikole zisanda kuvulwa futhi izingane zizohlupheka ngoba nezikole azinawo ugesi.”

UGxolo uthe umonakalo usanjengoba wawunjalo ngesikhathi izulu lihlasela imizi.

“Abanye bethu basebenzisa umlilo ukupheka ngaphandle emakhazeni njengoba u-Eskom ushaya ngonyawo lonwabu,” kusho uGxolo.

UNtombomzi Xhotyeni, isakhamuzi sase-Lower Ncera village uthe besingekho isikhathi samaholidi kaZibandlela.

“Cishe akukho okungenziwa umuntu ngaphandle kukagesi,” kusho uXhotyeni.

Okhulumela u-Eskom uZama Mpondwana uxolisile ngokuphazamiseka.

“Senza konke okusemandleni ukubuyisela nokuhlinzeka ngezidingo ezindaweni ezithintekile,” kuchaza uZama.

Izihloko zakamuva