Sekunegciwane elisha le-Covid-19 eNingizimu-Afrika elibizwa nge-C.1.2

Arthur Greene

Sekunegciwane elisha le-Covid-19 eliqanjwe igama elithi i-C.1.2 futhi seligcwele kuzo zonke izifundazwe zaseNingizimu-Afrika.

Isikhungo sikazwelonke esibhekela izifo ezithathelanayo eNingizimu-Afrika sesikhiphe isixwayiso ngegciwane elibizwa nge-C.1.2 lineage ngoMsombuluko, kodwa isikhungo sithe leli gciwane lisabalala ngezinga eliphansi.

Igciwane elibizwa nge-C.1.2 laqala ukutholakala eMpumalanga nase-Gauteng ngoNhlaba, ngesikhathi isizwe sithola ukuthi i-Covid-19 isibuya ngesigaba sesithathu.

NgoNhlangulana yayisifike KwaZulu-Natali naseLimpopo laphinde lavela eMelika nase-China.

Seliphinde ladlulela emazweni ayisithupha.

Kodwa i-C.1.2 okwamanje akuyona into okumele sikhathazeke ngayo kusho i-WHO, kusenziwa ucwaningo nezindlela ukuze sithole ubungozi balo nokuthi lidlula kanjani liye komunye umuntu kanye nemigomo engakwazi ukunqanda leli gciwane

Isikhungo sikazwelonke esibhekelela izifo ezithathelanayo sikhiphe isixwayiso ngoba i-C.1.2 iphethe ukuguquka kwezakhi zofuzo iphinde ibonakale engathi ihlukile, njenge-Delta esiphenduke yavela ngokuhlukile yaletha ukukhathazeka okukhulu.

Isikhungo sithe “Siyigade ngeso lokhozi imiphumela, ngesikhathi sisacwaninga leli gciwane sisafuna ukuqonda nomsuka walo”.

Iphini lomqondisi-jikelele womyango wezempilo u-Anban Pillay utshele i-Daily Maverick ukuthi “ososayensi babheka umthelela owenziwa umgomo kuhlu lozalo. Silindele imiphumela ukuthi ibe isikhona emasontweni azayo”

Umthombo wesithombe: @_driver8

Izihloko zakamuva