Dylan Bettencourt
Abalimi bezimvu bakuleli balahlekelwe isamba semali engu-R734 million kusukela ikhasimende labo elikhulu lase-China limise ukuthengwa kwewuli kwamanye amazwe ngemuva kokuqubuka kwesifo samatele.
I-National Wool Growers Association (i-NWGA) ithe ukuvinjelwa okuqale ngoMbasa kube nemiphumela elimazayo embonini yewuli.
Le mboni ikhiqiza uvolo olinganiselwa ku-R5 billion ngonyaka kanti u-70 kanye no-80% wemikhiqizo yawo uya e-China.
I-NWGA ikuqinisekisile ukuthi akukho ukuqubuka kwalesi sifo osekutholakele kwizimvu zakuleli nakuba kube nokuqubuka kwalesi sifo kwizinkomo ngoNdasa.
“Nakuba izimvu zoboya njengazo zonke izilwane zisengozini yokutheleleka ngesifo samatele (i-FMD), kodwa azikho izifo ezindaweni ezikhiqiza uvolo futhi akukho mfuyo encane etholakale ine-FMD,” kusho isitatimende esihlanganyelwe i-Agri SA ngokusho kwe-Business Insider.
I-NWGA yengeze ngokuthi ukuvinjelwa kwewuli e-China akulungile futhi kufike ngaphandle kwesixwayiso.
Manje le nhlangano inxusa uNgqongqoshe Wezolimo, Ukubuyiswa Komhlaba kanye Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya uThoko Didiza kanye noNgqongqoshe Wezohwebo, Izimboni Nezokuncintisana u-Ebrahim Patel ukuba basize ekubuyiseleni i-China njengozakwethu ekuhwebeni kwewuli.
Ukuvinjelwa kufike ngesikhathi esibi kakhulu kule mboni njengoba bekunesomiso esidonse isikhathi eside esiphazamise umphumela wewuli.
I-NWGA ithe umonakalo udluliselwa kubakhiqizi abancane futhi abaqashe abasebenzi abangu-35,000 abanabasebenzi abangu-4,500 besizini.
“Sikhathazekile ngomkhakha osakhulayo okhiqiza uvolo ikakhulukazi njengoba iningi lama-clip abo lihloselwe ukuthunyelwa e-China,” kusho i-Agri SA kanye ne-NWGA.
Bathe bangaphezu kuka-40 000 abakhiqizi abasafufusa abadayisa uvolo obiza amakhilogremu ayizigidi eziyisithupha ngonyaka ebiza u-R300 million.
Umthombo wesithombe: @FourPaws