URay McCauley, owasungula ibandla elikhulu iRhema Bible Church eNingizimu Afrika, ushone eneminyaka engu-75.
Ibandla lithi ushone ngokuthula esekhaya ngoMsombuluko ebusuku nomndeni wakhe useduze kwakhe.
UMcCauley akagcinanga nje ngokusungula ibhandla kuphela, lakhula ngaphansi kobuholi bakhe laba ngelinye lamabandla agqame kakhulu ezweni.
Ubaziwa njengomuntu oyilwelayo into futhi onesibindi kulokho abekholelwa kukho. Wenza igalelo lakhe eNingizimu Afrika yaba umbuso wentando yeningi, etshela abamhlophe baseNingizimu Afrika ukuthi
bavume ukuba amanga kahulumeni abathinte kanjani ngesikhathi sobandlululo.
Ngesikhathi sokulalelwa kwecala eKhomishani yemaQiniso nokuBuyisana, uMcCauley watshela abamhlophe baseNingizimu Afrika ukuthi babhekane nesikhathi esedlule, wathi abaningi bakhubazwe inhlonipho engamanga abayikhombisa iziphathimandla zikahulumeni futhi babemane beyizibukeli zezenzo ezimbi zokuhlukunyezwa kwabantu.
Umfundisi uJoshua McCauley uthe: “Ngizwa ubuhlungu ukuthi nginazise ngokudlula emhlabeni kukaMfundisi uRay McCauley.”
Uthe uPastor Ray ushone ngokuthula emzini wakhe, ezungezwe umndeni wakhe nabathandiweyo bakhe ngo-6.46 ntambama.
UMengameli Cyril Ramaphosa uthe: “Ukudlula emhlabeni kukaMfundisi Ray kushiya isizwe sakithi silahlekelwe umholi omangalisayo olifa lakhe elimangalisayo elihlala okholweni lwamakhulu ezinkulungwane zamakholwa ngaphakathi nangaphandle komphakathi wakwaRhema.”
ISouth African National Christian Forum (SANCF) ibize uMcCauley “ngomholi ovelele wamasonto onke” futhi yancoma umsebenzi wakhe wobuKrestu eNingizimu Afrika.
Babalule indima yakhe njengomfundisi oyinhloko weRhema Bible Church, uMengameli we-International Federation of Christian Churches, kanye nosihlalo we-National Interfaith Council of South Africa.
Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff
Esithombeni esingenhla: URay McCauley.
Umthombo: X