Celani Sikhakhane
Uhlangothi olusha lwe-ANC eKZN olwesekela umengameli Cyril Ramaphosa seliphakamise imibuzo eminingi njengoba lizibiza nge-Taliban kanti leligama lisetshenziswa iqembu lamaphekula eliphethe i-Afghanistan.
Omunye wabaholi beTaliban owayenguNobhala wophiko lwentsha le-ANC uMnu Bheki Mtolo uze azibize ngo Bin Laden owayengumholi welinye leqembu lamaphekula elibizwa nge-al-Qaeda.
Uhlangothi lwe-ANC i-Taliban liholwa ngamalungu ophiko lwentsha ye-ANC (ANCYL) kanti njengamanje likhankasa kanzima ukuthi uRamaphosa aqokelwe ihlandla lesibili ngoZibandlela.
Akukacaci ukuthi kungani leli qembu lithathe isinqumo sokuziqamba ngegama lenhlangano yamaphekula kodwa inhloso yalo ukuthatha isifundazwe engqungqutheleni yokukhetha ubuholi ehlelelwe ukuba ngoNhlaba.
I-Scrolla.Africa sitshelwe ukuthi lolu hlangothi lusungulwe ngowayeyiMeya yase-Newcastle uDkt Ntuthuko Mahlaba noNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi uJomo Sibiya, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uSipho Hlomuka kanye neMeya yase-Greater Kokstad uBheki Mtolo.
“Liholwa nguNtuthuko Mahlaba kanti bafuna kube nguyena uSihlalo wesifundazwe,” kusho umthombo othembekile.
ITaliban isicasule abalandeli balowo owayenguMengameli uJacob Zuma abaziwa nge-RET forces.
Ilungu eliqavile le-ANC e-Zululand uPhohloza Zungu usechaze i-Taliban njengeqembu lase-Stellenbosch elifuna ukuphazamisa uhlelo lokuketula uRamaphosa njengoMengameli we-ANC.
“Bamatasa bahlukanisa isifunda saseMzala Nxumalo ngokupenda usihlalo wethu bathi useka uRamaphosa, siyazi sonke ukuthi wayeseka uRamaphosa ngonyaka ka-2017 kodwa wabuye washintsha umqondo weseka i-RET,” kusho uZungu.
Kukholakala ukuthi inhloso ye-Taliban ukulwa nanoma iziphi izinhlaka ezingahle zizame ukuphazamisa imicimbi kaRamaphosa okuhlelwe ukuthi yenzeke e-KZN.
UMahlaba uqokwe njengomholi we-Taliban.
UMahlaba ukuphikile lokho kwi-Scrolla.Africa ukuthi uyingxenye yeTaliban.
“Ngizwile ukuthi kukhona abangihlanganisa naleyo Taliban kodwa akekho osangithintile ngalo,” kusho uMahlaba.
UMtolo okubonakala ubuso bakhe ezingqwembeni zeTaliban uthe leli qembu lakhiwe ku-Facebook futhi akazihlanganisi nemikhankaso ye-Facebook.
“Ngizihlanganisa negatsha lami le-ANC kuwadi-4 e-Kokstad elibizwa ngeJoe Slovo kuphela,” kusho uMtolo.