
Everson Luhanga
Sekuvele izinsolo ezithi sekukhona abantu adlwengula, bagebenge baphinde bahlukumeze umphakathi egameni leDudula Operation.
Iqembu labantu elitshela izisulu zalo ukuthi lingamalungu e-Dubula Operation kuthiwa liya emizini yabantu ebusuku liyofuna liyofuna ngo ‘dli’ izinto.
NgoLwesibili olwedlule, kudlwengulwe abesifazane abathathu, owesilisa washaywa kwathi abanye abahlanu bakhonjwa ngezibhamu yiqembu elitshele abaphuna emazweni angaphandle endaweni yokulindela eVezinyawo ngaphandle kwelokishi lase-Alexandra eGoli ukuthi bahambe.
Bekucatshangwa ukuthi laba besifazane abadlwenguliwe baphuma emazweni angaphandle kanti empeleni bangabantu bakuleli. Laba besifazane bavule amacala okudlwengulwa esiteshini samaphoyisa e-Bramley kanti owesifazane wesithathu ongowokudabuka e-Malawi akakalivuli icala.
Owesilisa oshaywe kanzima naye uvule icala lokushaywa nokubanjwa inkunzi.
Isisulu sikhulume ne-Scrolla.Africa mayelana nosizi olwenzeke ngomhlaka-8 kuNhlolanja, lapho unkosikazi wakhe engomunye wabesifazane abadlwengulwe yiqembu lezigelekeqe.
“Ngesikhathi iqembu labantu abangu-15 bengishaya emvuleni ngaphandle komuzi wami, amadoda amabili ebeshintshana ngokudlwengula umkami,” usho kanje.
Uthe amadoda ayisishiyagalombili kulawa ebehlome kanzima ephethe izibhamu nezando. “Ngemuva kokubona ukuthi ngingowaseNingizimu Afrika bathi angikhombe izindlu okuhlala abantu abaphuma emazweni angaphandle.
“Ngibatshele ukuthi bangibulale kunokuthi ngenze lokhu ababengicela ukuthi ngikwenze,” usho kanje.
Ngesikhathi eshaywa nomkakhe edlwengulwa, abanye besifazane ababili nabo babedlwengulwa ngamalungu eqembu lezigelekeqe. “Omunye wesifazane udlwengulwe phambi kwendodakazi yakhe eneminyaka emithathu ubudala, ngesikhathi omunye edlwengulwa umyeni wakhe ebukela”.
Esinye isisulu sokudlwengulwa okugodlwe igama laso sithe laba balisa bafike emzini waso bamtshela ukuthi bavela kwiDudula Operations futhi bakhipha bonke abaphuma emazweni angaphandle. “Ngibatshelile ukuthi angiphumi emazweni ngaze ngazama ngabakhombisa umazisi wami. Kodwa abazange bangilalele futhi omunye wabo uye wangidlwengula”.
UZandile Dabula, ongunobhala kazwelonke weDudula Operations, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi abazihlanganisi nezigebengu ezihlukumeza abahlali egameni leDudula Operations.
“Siyinhlangano eyaziwayo esebenzisana nabomthetho. Noma yikuphi lapho esiya khona ukuyoqhuba umkhankaso wethu, siyawazisa amaphoyisa futhi asilimazi muntu.
“Sicela amaphoyisa ukuthi abophe zonke izigebengu ezenza ubugebengu egameni leDudula,” usho kanje.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni sase-Goli uColonel Mavela Masondo ukuqinisekisile ukuthi maningi amacala okudlwengula, ukugebenga nokukhonjwa ngezibhamu abhaliswe esiteshini samaphoyisa e-Bramley. Amaphoyisa ayaphenya.