Sekukhishwe isivumelwano sokumisa udlame empini yamatekisi esidlule nemiphefumulo eminingi e-Gauteng

Lubhalwe nguPalesa Matlala

Abaphathi bamatekisi bavumile ukumisa udlame oseludlule nemiphefumulo engu-59 e-Gauteng kulo nyaka.

Uhulumeni wase-Gauteng uxwayise ngokuthi uzovala amarenki amatekisi futhi ahoxise nezimvume uma kuqhubeka ukubulawa kwabantu.

Sekufinyelelwe esivumelwaneni sokuthula sesikhashana empini yamatekisi yase-Gauteng esibulale abantu abaningi, kodwa akukaboshwa muntu kwabangu-59 ababulawe kusukela kuqale unyaka.

Uhulumeni wesiFundazwe sase-Gauteng, i-National Taxi Alliance kanye neSouth African National Taxi Council bavumelene ngokuthi kumiswe umbango osuchithe igazi phakathi kwe-Witwatersrand African Taxi Association (Wata) kanye ne-Nancefield-Dube West Taxi Association (Nanduwe).

Kubulawe abantu abangu-30 ngoNdasa.

UNgqongqoshe wezeMigwaqo nokuThutha, uKedibone Diale-Tlabela, usabise ngokuthi uzovala noma iyiphi irenki yamatekisi ethinteka odlameni futhi athathe nezincwadi zokusebenza izinyanga eziyisithupha.

Lezi zinhlaka zontathu zikhiphe isitatimende ngokuhlanganyela zithi isivumelwano sihlanganisa ukumisa udlame nokuqhubeka nezingxoxo phakathi kwezinhlangano zamatekisi.

“Ukuxazulula ingxabano eqhubekayo siba nemihlangano njalo ngoLwesihlanu nabanikazi bamatekisi ukuze sizwe izikhalo zabo,” kusho uNkk Diale-Tlabela.

“Kodwa sibonile ukuthi amanye amadoda esihlezi nawo etafuleni akubona ngisho abanikazi bamatekisi, lokho kuba yinkinga kithina.

Uthe abanikazi bamatekisi kuphela abahlala e-Gauteng nabanelayisensi yokusebenza esifundazweni okumele babambe iqhaza ezingxoxweni.

Abanikazi bamatekisi kumele nabo balethe umbiko ngenqubekelaphambili kuNgqongqoshe ungakadluli umhlaka-29 kuMbasa.

Ikomidi elisha elizoxazulula izingxabano selisunguliwe. Kuhlanganisa amalungu angu-20 e-Gauteng Santaco, i-National Taxi Alliance, abanikazi bamatekisi nososeshini. Ikomidi lizohlangana kuphela uma kukhona uNgqongqoshe ukuze kuqinisekiswe ukuthi izingxoxo zisobala futhi zinobulungiswa.

Amakomidi ezokuphepha nezokuthutha esiShayamthetho sase-Gauteng azoqapha isivumelwano sokuthula futhi ahlole ukuthi silandelwa ngendlela yini.

“Sinxusa ososeshini bamatekisi ukuthi bakuhloniphe ukumiswa kwezikhali futhi babambe iqhaza. Abagibeli nemiphakathi kumele babike izinsongo emaphoyiseni, zonke izinhlangothi zibambisane ukwakha imboni yamatekisi ephephile engenalo udlame,” kusho isitatimende.

Wonke amaqembu avumelene ukuthi aphinde ahlangane nobuholi besifundazwe ngoLwesibili ngomhlaka-15 kuMbasa.

Esithombeni esingenhla: Umbhikisho ophikisana nodlame lwamatekisi. 

Umthombo wesithombe: U-Facebook woMnyango Wemigwaqo Nezokuthutha

Izihloko zakamuva