Lubhalwe nguSihle Mavuso
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal (CoGTA) usufake isicelo esisha eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu sokususa uMnuz Nhlakanipho Zulu njengebamba lemenenja kamasipala kuMasipala waKwaNongoma.
UMnyango uthi uZulu waqamba amanga ngeziqu zakhe ukuze athole lo msebenzi nokuthi izinto azenzile phambilini zimenza angafaneleki ukuphatha umasipala onezinkinga zezimali.
I-CoGTA ifake umbiko ovela kwi-Inkazimulo Consulting emaphepheni abo asenkantolo. Lo mbiko uveza ukuthi uZulu ubewasingatha kanjani amathenda kuMasipala waseMpofana asula kuwo ngaphambi kokuthi kuthathwe isinqumo sokuqondiswa kwezigwegwe.
“Kusobala embikweni ukuthi i-CV yommangalelwa wesithathu (Zulu) iqukethe izinto eziningi ezingelona iqiniso, ezikhombisa ukuthi akanazo iziqu, amakhono, ubuhlakani kanye nekhono elidingekayo ukuze aqokwe njengebamba leMenenja kaMasipala,” amaphepha asenkantolo asho njalo.
“Okubaluleke kakhulu ukuthi ngenxa yamaphutha amaningi okungaphathwa kahle kwezimali obekwenzeka ngaphansi kwesandla sakhe kuMasipala waseMpofana, kuyacaca ukuthi akafanelekile ukuthi aqokwe njengebamba leMenenja kaMasipala, ikakhulukazi ngenxa yezingqinamba ezehlukene zezimali abhekana nazo ummangalelwa wokuqala. (Nongoma).”
Kwesinye isigameko uZulu uthe wake waba yibamba lemenenja kamasipala wesiFunda uMkhanyakude.
Kodwa-ke ngesikhathi i-CoGTA ihlola, bathola ukuthi usebenze njengemenenja kumsebenzi wezobuchwepheshe.
UZulu nabanye ababizwe kuleli cala okubalwa kubo iMeya uClifford Ndabandaba noSomlomo uBabongile Mnyandu abakaphenduli.
Esithombeni esingenhla: Umasipala wakwaNongoma usuphinde wafakwa enkantolo.
Umthombo: USihle Mavuso