Sekudutshulwe kwabulawa umculi odumile eThekwini 

Lubhalwe nguPrince Azeel

Akasekho emhlabeni umrepha wakuleli uKiernan Jarryd Forbes, owaziwa ngelika-AKA.

Ngokwemibiko, lo mrepha udutshulwe ngumuntu ongaziwa obehamba ngemoto emgwaqeni u-Florida, eThekwini.

Iphoyisa elizibonele ngawalo elingathandanga ukudalula igama lalo likuqinisekisile ukuthi lo mrepha udutshulwe ngaphandle kwendawo yokudlela i-Wish Restaurant ngoLwesihlanu ebusuku.

Imibiko iphinde ithi lo mrepha (35) udutshulwe wabulawa nomunye okungakahlonzwa igama lakhe.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo be-ALS, uGarrith Jamieson naye usiqinisekisile lesi sigameko wathi phakathi kwababulewe kukhona umrepha odumile.

Umngani wakhe nosondelene naye kakhulu, uKhuli Chana ubhale ku-Twitter ngokumangala kwakhe ngokwenzekile.

“Akukholakali,” ebhala ku-Twitter wafaka nama-emoji adabukisayo.

Izindaba zokushona kwakhe ziza ngemuva kokuthi lo mrepha ememezele ukuthi i-albhamu yakhe ebilindelwe ngabomvu i-Mass Country izophuma ngomhlaka-27 kuNhlolanja.

NgoMbasa nyakenye, lo mrepha washonelwa ingoduso yakhe u-Anele ‘Nelli’ Tembe ngendlela ebuhlungu.

Imiyalezo yenduduzo ilokhu ingenile ezinkundleni zokuxhumana ikakhulukazi ku-Twitter abantu bezwakalisa ukushaqeka kwabo ngalezi zindaba.

Isithombe esingenhla: UKiernan Jarryd Forbes, owaziwa ngelika-AKA

Umthombo: Twitter

Izihloko zakamuva