Sekudlwengulwe abesifazane abayisithupha e-Limpopo ngaseMadiba Park emasontweni amabili

Moyahabo Mabeba

Sebexwayisiwe abahlali abakhelene eduze neMadiba Park ngaphandle kwase-Polokwane e-Limpopo, njengoba le ndawo isanda kwehlelwa kakhulu izigameko zokudlwengula. Bayisithupha sebebonke abesifazane nezingane asebedlwengulwe emasontweni amabili edlule.

Isisulu sesikhombisa sikwazile ukubaleka kulandela ukulwa nowesilisa ongaziwa obefuna ukumdlwengula.

Abaholi bezinhlangano zendawo ezilwa nobugebengu bakholelwa ukuthi zonke lezi zigameko zenziwa isigilamkhuba esisodwa, kodwa amaphoyisa awakwazanga ukukufakazela lokhu.

NgeSonto ntambama, kusolakala ukuthi indoda eyodwa idlwengule intombazanyana eneminyaka eyisithupha eduze kwebhuloho eMadiba Park. Umsolwa kuthiwa uhlasele intombazanyana encane wayihudulela ehlathini.

Amalungu omphakathi athe ezwe ukukhala kwengane aphuthuma endaweni yesigameko, kodwa umenzi wobubi ubesebalekile.

UMnumzane uVincent Kunutu, ongusihlalo we-Seshego Community Against and Gangsterism, uthe bebethungatha umsolwa.

UKunutu ukholelwa ukuthi indoda eyenza lobu bugebengu iphinde yadlwengula umfundi webanga leshumi esikoleni samabanga aphezulu i-Millennium emasontweni amabili edlule.

NgoLwesithathu olwedlule, owesifazane oneminyaka engamashumi amathathu ubudala wahlaselwa wadlwengulwa. UKunutu uthi lobu bugebengu benziwa ngumdlwenguli ofanayo.

“Esikhathini esincane nje, lo wesilisa usedlwengule abesifazane abayisithupha. Saya ehlathini lapho edlwengula khona laba besifazane, kodwa wakwazi ukubaleka. Njengamanje siyamthungatha futhi sifisa ukuthi amaphoyisa asisize ekuthungatheni lo msolwa,” kusho uKunutu.

Omunye wesifazane waseLuthili Park okwazile ukuphunyuka kumuntu obemnukubeza ngoLwesihlanu olwedlule uchaze umhlaseli wakhe njengomuntu omude, omnyama ngebala futhi obefake amacici, ijakhethi e-fawn, ibhulukwe elimnyama kanye namateku e-All Star.

“Bengisendleleni ngibuya eMadiba Park ngesikhathi kufika umlisa osolisayo kumina. Waphikelela ekhuluma nami okuthe ngesikhathi ngimtshela ukuthi anginasikhathi sakhe, wavele wathukuthela waqala ukungisukela. Wangibamba wazama ukungidonsela ehlathini,” kukhumbula lo wesifazane.

“Ngesikhathi silwisana ngimlume isandla ngakwazi ukuphunyuka. Ube esethatha isikhwama sami wagijima wayongena ehlathini nesikhwama sami esinamakhadi, umakhalekhukhwini kanye nemali engama-R200.”

Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uBrigadier uMotlafela Mojapelo, uthe bayitholile imininingwane ngomdlwenguli olandelanayo, kodwa awakwazanga ukuqinisekisa ukuthi izisulu ziwavulile yini amacala.

Izihloko zakamuva