Dylan Bettencourt
Inhlangano elwa nokusebenziswa kwezidakamizwa emhlabeni (i-WADA) isiqinisekisile ukuthi bayalibheka udaba lokusetshenziswa kwensangu ngabasubathi. Lokhu kuza ngemuva kwezinyanga ezimbili ngenkathi kutholakala insangu egazini lo mgijimi uSha`Carri Richardson wase wamiswa kuma-olimpiki.
Insangu ayivumelekile, kodwa i-WADA ithe izobhekisisa kahle indaba yensangu ngonyaka ozayo. Inhlangano iphinde yathi isazoqhubeka ingayivumeli insangu kunyaka wonke wezi-2022.
“Ngokulandela ukwamukelwa kwesicelo sabantu abaningi abakwikomidi eliphethe, ukugunyazwa kweqembu labeluleki abangochwepheshe ukuze kuqalwe kubuyekezwe ngendlela yesayensi indaba yensangu ngowezi-2022” ngokubhalwe kwisitatimende se-WADA.
Ongumgijimi waseMelika uRichardson oneminyaka engama-21, wamiswa izinsuku ezingama-30 kulandela ukuphuma kwemiphumela yakhe yegazi okwatholakala insangu egazini lakhe ngemuva kwalokho wakhishwa emidlalweni yase-Tokyo. Lo mgijimi omncane ubekubheke ngehlo lokhozi ukuwina indondo yegolide.
URichardon uthe ubeyisebenzisa insangu njengento ebimsiza kakhulu ukuze akwazi ukumelana nokushona kukamama wakhe ekuqaleni kwalo nyaka. Icala lakhe lenze uqhekeko kwaphikiswana phakathi kosaziwayo kanye nabasubathi babeka umbono wokuthi ukumiswa komuntu osuke esebenzisa insangu akunasdingo.
Ophethe abasubathi emhlabeni wonke uSebastion Coe uyena okholelwa ukuthi udaba lwensangu kumele liphinde libuyekezwe.
“Akuwona umnqondo ongaphusile ukuthi kubuyekezwe. Kunengqondo. Akukho okuhlelwa phezu kwetshe. Niyavumelana kwesinye isikhathi niphinde nihlele kabusha” kusho uCoe ngesikhathi semidlalo yama-olimpiki.
Umthombo wesithombe: @Bloomberg