Sekubulawe omunye obelwa nobugebengu obenzeka emngceleni wakuleli neMozambique 

Lubhalwe nguLungi Langa

URussel Tembe uthi umshana wakhe ubethandwa kakhulu edolobheni lase-Manguzi, kodwa wazakhela izitha ngokuzinikela kwakhe ekulweni nobugebengu obenzeka   emngceleni wakuleli neMozambique  nokuyinto eyenze ukuthi abaningi bamfune efile.

USandile Tembe (31) udutshulwe wabulawa ngoMgqibelo ebusuku esitolo sendawo eManguzi ngase-Kosi Bay,KwaZulu-Natal okuyindawo eqhele ngamakhilomitha angu-15 kuphela ukuya emngceleni wase-Mozambique.

“Ubehamba nomamncane wakhe bephuma emshadweni wesihlobo sakhe wacela ukwehliswa esiphaza ngoba kunomuntu obekumele ahlangane naye. Ngemuva kwesikhashana efikile kufike amadoda angaziwa,” kusho uRussel etshela i-Scrolla.Africa.

“Balwe naye ngemuva kokuthi omunye eqinisekise ukuthi uyena abebemfuna base bemdubula ekhanda.”

Yize eseshonile kodwa ababulali kuthiwa baqhubeke nokudubula isidumbu sakhe. “Kutholakale amagobolondo angu-33 ezinhlamvu,” kusho uRussel.

USandile ubephinde abe umshana wenkosi yakwaTembe, inkosi uMabhudu Tembe. Umndeni ukholelwa ekutheni ukubulawa kwakhe kungenzeka kuhlobene ngqo nezenzo zakhe zokulwa nobugebengu bokuwela imingcele ngokungemthetho.

Ukubulawa kwakhe kuza ngemuva kwesonto kudutshulwe uJudah Mthethwa – omunye obelwa nobugebengu bokuwela imingcele yaseManguzi ngokungemthetho. UMthethwa ubengusihlalo wenhlangano i-Mhlabuyalingana Society Against Crime (USAC) ebilwa nokuntshontshwa kwezimoto kuleli ziweliswe ziye e-Mozambique.

URussel uthe umshana wakhe obeyilungu le-Manguzi Policing Forum futhi ubengumuntu odumile kule ndawo. Uthe into emfake engozini ukuzinikela kwakhe ekulweni nobugebengu.

Uthe uSandile ubengakaze akhale ngokusatshiswa, kodwa uke wakudalula ukuthi baningi abantu abangeneme ngezenzo zakhe zokulwa nobugebengu. Uthe uMthethwa naye ubulawe ngendlela efanayo.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube uthe kuyadabukisa ukuthi kubulawe omunye umuntu obelwa nobugebengu bokuwela imingcele ngokungemthetho esikhathini esingangesonto kubulawe uMthethwa.

“Sizoxoxisana nohulumeni kazwelonke. Sikholwa ukuthi kumele kube nokusebenzisana phakathi kwelakuleli nomakhelwane balo ukuze kuliwe nobugebengu obudlangile bokuwela imingcele ngokungemthetho,” esho.

“Sisamile esinqumweni sethu sokuyisa impi ezigebengwini emzamweni wethu wokuqinisekisa ukuphepha nobulungiswa esifundazweni sethu nangaphandle kwemingcele yethu.”

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokubulala.

Esithombeni esingenhla: USandile Tembe

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva