Sekuboshwe oyedwa ngawokubulala emcimbini wokugubha olokuzalwa eGqeberha  

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Amaphoyisa ase-Eastern Cape abophe owesilisa oneminyaka engu-33 ubudala ngemuva kwenyanga kudutshulwe kwabulawa abantu abayisishiyagalombili emcimbini wokugubha usuku lokuzalwa Kwazakhele.

Amaphoyisa agasele endaweni ebinabasolwa abebecashe efulethini e-Gqeberha Walmer ngoLwesihlanu, kodwa abaningi bakwazile ukubaleka ngaphambi kokuthi kufike amaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uBrigadier Tembinkosi Kinana ukuqinisekisile ukuthi amalungu ethimba elijutshiwe alunywe indlebe mayelana nokuthi abasolwa bacashephi.

“Ngesikhathi befika kuleli fulethi kutholakale umsolwa oyedwa oneminyaka engu-33. Kuphinde kwaphenywa kwaqinisekiswa ukuthi yebo uyathinteka emacaleni,” kusho uBrigadier Kinana.

“Umsolwa uboshwe ngokushesha wagqunywa esiteshini samaphoyisa e-Mount Road ukuze kuqhutshekwe nophenyo,” kusho uKinana.

Amaphoyisa asazoqhubeka alandelele abasolwa abasele ababaleke efulethini e-Walmer.

Ngomhlaka-29 kuMasingana kwadutshulwa kwabulawa abantu abayisishiyagalombili kwathi abathathu balimala kabi emcimbini wokugubha usuku lokuzalwa lweminyaka engu-50. UVusumzi Sishuba obegubha usuku lwakhe lokuzalwa wabulawa nomfowabo omdala, u-Andile.

UKhomishana wesifundazwe ubonge ithimba labaphenyi bezinhlaka ezehlukene elingazange liyiyeke imizamo yokuqinisekisa ukuthi liyaphumelela leli cala.

“Ngiyabonga ngokuzinikela kwethimba elijutshiwe futhi lokhu kuqinisekisa ukuthi ekugcineni sizobathola ababulali ukuze sazi nenhloso,” kusho uLieutenant General Mene.

“Laba ababalekile kumele batholakale  futhi ngokushesha  ukuze imindeni ikwazi ukuthola ukuthula ezinhlizweni.”

Umsolwa oboshiwe elingeke lidalulwe igama lakhe uzovela enkantolo namhlanje ngamacala okubulala. Amaphoyisa azophikisana nesicelo sakhe sebheyili.

Kucelwa noma ngubani ongasiza ngolwazi olumayelana nabasolwa abahlanu ababalekile ukuthi athinte umphenyi wobugebengu obuhleliwe esifundazweni umseshi uKaputeni Sitole, ku-082 457 2812 noma athinte i-CrimeStop ku-086 00 10111.

Isithombe esingenhla: Indlu yaKwazakhele okuyindawo okwenzeke khona isigameko sokudutshulwa kwabantu abaningi ngomhlaka-29 kuMasingana

Umthombo wesithombe: Anita Dangazele

Izihloko zakamuva