Everson Luhanga
Ngemuva kwamahora i-Scrolla.Africa ishicilele udaba lwendoda yase-Kagiso eyasinda esigamekweni ngesikhathi kudutshulwa indawo yokucima ukoma, amaphoyisa ase-West Rand asekuqinisekisile ukuthi abophe abasolwa abahlanu.
Lo mlisa usinde esigamekweni lapho kwabulawa khona abantu abayisikhombisa.
Abasolwa babhekene namacala amaningi okubulala nelokuzama ukubulala. Kungase kuboshwe abanye futhi kwengezwe amacala.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni e-Gauteng uBrigadier uBrenda Muridili uthe abasolwa sebevele bamataniswa namanye amacala okubulala nelokuzama ukubulala enziwa e-Kagiso namaphethelo.
Baphinde bamataniswa nemisebenzi yezimayini ezingekho emthethweni esifundeni sase-West Rand.
UBrigadier Muridili uthe ithimba lamaphoyisa lezinhlaka ezahlukene lithole imininingwane mayelana nokuthi abasolwa bakuphi baya e-Kagiso, e-Rietvallei Ext 2 no-3 lapho kuboshwe abasolwa abahlanu.
NgoLwesine, i-Scrolla.Africa ishicilele udaba lomnikazi wendawo yokucima ukoma uVeli Qusheka naye owayeyisisulu, kodwa wasinda kulesi sigameko ngemuva kokudutshulwa kubulawe abanye ababili ebusuku.
Le ndoda itshele i-Scroll.Africa engxoxweni ekhethekile ukuthi inazo izithombe zabasolwa futhi yathi amaphoyisa abengaxhumani nayo mayelana naleli cala.
Ukhomishana wamaphoyisa e-Gauteng uLieutenant General Elias Mawela uncome ithimba elibophe abasolwa. Abekho abantu abalimele nakuba abasolwa bebethathwa njengabahlomile futhi bayingozi.
Ekhuluma emcimbini we-O kae molao e-Kempton Park ngoLwesine, uLieutenant General Mawela uthe amaphoyisa ashaqe isibhamu nezinhlamvu kanye nemoto ebinabasolwa.
“Kuncomeka kakhulu ukusebenza kanzima kwethimba labaphenyi elihlanganisa i-Crime Intelligence kanye nabaseshi abangomakadebebona kanye nabasebenzi,” kusho uLieutenant General Mawela.
“Manje sekumele baqinisekise ukuthi bathumela icala enkantolo ukuze laba basolwa bangaphinde bahambe emigwaqeni yase-Gauteng.”
Ngomhla zingama-25 kuMfumfu, i-Scrolla.Africa yabika ukuthi iqulu lamadoda abehlomile langena emzini othile ladubula labulala umnikazi wendlu kanye nonkosikazi wakhe kanye nomakhelwane.
Isigameko sokudubulana elokishini e-Kagiso endaweni yase-Tshepisong sigcine ngokuthi kushone abantu abayisikhombisa kwathi abanye abaningi baphuthunyiswa esibhedlela ukuze bathole usizo lwezempilo.
Ngesikhathi bezama ukubaleka, leli qembu lagasela emshadweni obukamakhelwane laqala ukudubula labulala abayisikhombisa kwalimala abayisishiyagalolunye.