Sekuboshwe abanye abasolwa ngokweqa kukaBester

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Amaphoyisa asenze elinye igxathu ecaleni lokweqa kukaThabo Bester, abopha abanye abasolwa ababili kanti i-Scrolla. Africa sithole ukuthi bangabasebenzi bangaphambilini bakwa-G4S.

Abasolwa ababili, owesilisa (51), nowesifazane (36), babesebenza ngobusuku uBester eqa ngabo nyakenye. 

Imithombo itshele i-Scrollla.Africa ukuthi laba bobabili baxoshwa kamuva i-G4S, inkampani yomhlaba wonke ezinze e-London eyayiphethe ezokuphepha ejele lase-Mangaung ngobusuku uBester abaleka ngabo.

Laba bobabili bazojoyina uBester nentombi yakhe, uNandipha Magudumana, uyise kaMagudumana, uZolile Sekeleni, owayengumsebenzi we-G4S uSenohe Matsoara kanye noTeboho Lipholo onguchwepheshe we-CCTV.

NgoLwesibili olwedlule, amaphoyisa engeze umsolwa oyedwa ngesikhathi ebopha uButi Masukela (51).

UButi uboshwe esasebenza kwa-G4S.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe ukuqinisekisile ukuthi ababili abebengabasebenzi benkampani yonogada i-G4S baboshwe ngoMsombuluko mayelana nokweqa kukaBester esitokisini ngonyaka odlule.

“Laba bobabili baboshwe lapho behlala khona e-Bloemfontein ngoMsombuluko mhla zizinye kuNhlaba,” kusho uMathe.

Uthe abasolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yase-Bloemfontein ngoLwesithathu mhla zintathu kuNhlaba, ngamacala okusiza isiboshwa ukuba seqe esitokisini esisemthethweni kanye nokwephula umthetho.

UMathe uthe uphenyo ngokweqa kukaBester seluholele ekutheni kuboshwe abasolwa abayisishiyagalombili kuze kube manje, kanti kusazoboshwa abanye.

Umbulali owalahlwa yicala lokudlwengula uThabo Bester uboshwe ngenyanga edlule e-Arusha, e-Tanzania, ngemuva kokweqa izwe ehamba nentombi yakhe, uDkt Nandipha Magudumana.

Ngesonto eledlule, isidumbu sowesilisa esatholwa esitokisini sikaBester sitholake ukuthi ngesikabani kwathintwa abazali ngemiphumela yolibofuzo.

UBester ubegwetshwe udilikajele ngesikhathi eqa ejele elinonogada abaningi ngoNhlaba nyakenye.

UBester, okumanje oboshelwe ejele iKgosi Mampuru II, uzobuyela eNkantolo yeMantshi yase-Bloemfontein ngomhlaka-16 kuNhlaba.

Isithombe esingenhla: UThabo Bester oweqa ejele lase-Manguang ngoNhlaba nyakenye

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva