Sekuboshwe abanye abasolwa abathathu mayelana necala lokuntshontshwa kwemali ebhange elibizwa nge-VBS

Kamogelo Muvhenzhe

OKlebe sebebophe abanye abasolwa abathathu abahlobene necala lokuntshontshwa kwemali ebhange elibizwa nge-VBS.

Abasolwa abasha ngowayeyimenenja kamasipala oneminyaka engama-57, owayeyisikhulu esiphezulu sezimali oneminyaka engama-39 kumasipala wendawo i-Fetakgomo-Greater Tubatse kanye nosomabhizinisi oneminyaka engama-41 ubudala.

Umphathi kamasipala kuthiwa watshala izigidi ezi-230 zamarandi zemali ebhekelela umphakathi kuleli bhange eselingasekho kanti yonke leyo mali ayikaze ibuyiselwe kumasipala.

Okhulumela oKlebe, uBrigadier Nomthandazo Mbambo, uthe laba bobathathu bazovela ngoLwesithathu enkantolo enkulu yasePitoli emelene ne-Commercial Crimes lapho bezothweswa khona icala lokwephula umthetho we-Municipal Finance Management Act ngokukhwabanisa nokushushumbisa kwezimali.

Kuze kube manje bayi-17 abantu asebeboshiwe futhi babhekene namacala angaphezu kwekhulu.

Kulaba kubalwa umgcinimafa we-ANC e-Limpopo, uDanny Msiza, nowayengusihlalo we-VBS, uMnumzane uCalvin Tshifhiwa Matodzi, izikhulu zamabhange, osopolitiki, izikhulu zikamasipala nabaphathi ngezinsolo zokuqola imali cishe eyizigidigidi ezi-2,3 zamarandi kubantu abaningi abanhlwempu basezindaweni zasemakhaya ase-Venda e-Limpopo.

Bayi-14 omasipala, e-Limpopo, i-North West nase-Gauteng, abalahlekelwe cishe izigidigidi ezi-1,6 zamarandi, ngemuva kokutshala imali kuleli bhange.

Izihloko zakamuva