Sekuboshwe abanye abasolwa ababili mayelana nokubulawa kukaBabita Deokaran

Arthur Greene

Abasolwa ababili baboshiwe ngokubandakanyeka ekubulaweni kukaBabita Deokaran.

UNgqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele uqinisekisile ukuthi abasolwa batholakale nemali eningi nezibhamu ezimotweni.

Isikhulu esiphezulu sezezimali sase-Gauteng eMnyangweni wezeMpilo uDeokaran ubengufakazi ecaleni lenkohlakalo ebelisaphenywa elimayelana nezimpahla zokuzivikela kukhuvethe(PPE) elazamazamisa isifundazwe ngonyaka odlule.

Udutshulwe ekhaya lakhe eGoli mhla zingama-23 kuNcwaba ngemuva kokuba esanda kushiya ingane yakhe esikoleni.

Amaphoyisa akholelwa ukuthi ukubulawa kwakhe bekuqondiwe futhi kubandakanya icala abezoba ngufakazi kulo elifaka izimpahla zokuzivikela kukhuvethe(PPE).

Ababoshiwe ekugcineni sebenze isibalo safika kwisishiyagalolunye sebebonke abantu ababoshelwe ukubandakanyeka ekubulaweni kukaBabita.

Amadoda ayisikhombisa aboshwa ngesonto eledlule ngecala lokubulala, abayisithupha bavela enkantolo ngemuva kokudedelwa koyedwa ngenxa yokuthi abukho ubufakazi obubambekayo ngakuye.

UNgqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele uvakashele indawo yakwaMashu KwaZulu-Natali ngesikhathi ethula isimemezelo. UNgqongqoshe uvakashele leli lokishi ngemuva kokubulawa kwabantu abayishumi nanye ababulawe ngokudutshulwa kuleli sonto.

Izihloko zakamuva