Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Ababoshiwe kubalwa abangu-223 emacaleni okudlwengula, abangu-183 abasolwa ngokubulala nabangu-2 847 abatholakale nezidakamizwa. Amaphoyisa aphinde ashaqa izibhamu ezingekho emthethweni ezingu-128 nezimoto ezebiwe ezingu-65.
Isikhulu samaphoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola uthe umkhankaso wokukhuculula ukhombisa ukuthi amaphoyisa azimisele ngokulwa nobugebengu kuzo zonke izingxenye zezwe.
Bangaphezu kuka-16 000 abasolwa ababoshwe eNingizimu Afrika yonkana ngesonto eledlule emkhankasweni omkhulu wamaphoyisa wokulwa nobugebengu obunodlame.
Ukuboshwa kwalaba bekuyingxenye ye-Operation Shanela, umkhankaso wamaphoyisa ogxile emacaleni okudlwengula, ukubulala, izidakamizwa nezikhali ezingekho emthethweni.
UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola uthe umkhankaso othathe isonto lonke ukhombisa ukuthi amaphoyisa awahlehli ekulweni nobugebengu.
“Lo msebenzi uyingxenye yemizamo yethu eqhubekayo yokwenza imiphakathi iphephe futhi sisuse abantu abayingozi emigwaqeni,” esho.
Sebebonke, bangu-16,001 abantu ababoshwe phakathi kosuku lwangoMsombuluko neSonto ngesonto eledlule. Lokhu kufaka phakathi:
Bangu-223 ababoshwe ngamacala okudlwengula, bangu-106 KwaZulu-Natal
Bangu-183 abantu ababhekene necala lokubulala, okubalwa nabangu-52 e-Eastern Cape
Babalelwa ku-2,847 ababoshwe ngokutholakala nezidakamizwa, iningi labo e-Western Cape
Bangu-679 ababnjwe beshayela bephuzile
Babalelwa ku-646 abanjwe bedayisa utshwala ngokungemthetho
Bangu-272 abanjwe nezidakamizwa
Bangu-82 abatholakale nezibhamu ezingekho emthethweni
Babalelwa ku-81 abamba izimayini ezingekho emthethweni
Amaphoyisa aphinde athola izimoto eziduniwe noma ezebiwe ezingu-65 ashaqa nezibhamu ezingu-128 ezingekho emthethweni.
UBrigadier Athlenda Mathe uthe ukuboshwa kwalaba kukhombisa ukuthi ubugebengu budlange kangakanani, nokuthi amaphoyisa azimisele kangakanani ukubuvimba.
Kulaba ababoshiwe kubalwa nequlu lamantombazane aneminyaka engu-13 kuya ku-15 eGoli, ahlasela enye intombazane. Bavele enkantolo ngoMsombuluko ngecala lokushaya kanti bazobuya ngoLwesithathu ngomhlaka-21 kuNhlaba.
Kwesinye isigameko, kuboshwe umfana (16), ngecala lokuhlukumeza eLetlhabile, ngase-Brits eNorth West.
UMathe uthe ubuxhwanguxhwangu akuyona into encane futhi kungaholela emacaleni obugebengu afana nokushaya nokulimaza.
“Uma usuthweswe icala, unerekhodi lobugebengu. Lokhu kungaphazamisa ikusasa lakho,” kusho yena.
UMasemola unxuse imiphakathi ukuthi ibike ubugebengu wathi amaphoyisa azoqhubeka nokusukumela phezulu noma ikuphi lapho ebizwa khona.
Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa abophe izinkulungwane zabantu eNingizimu Afrika yonkana ngesonto ngesikhathi se-Operation Shanela.
Umthombo wesithombe: SAPS