Dylan Bettencourt
Ngemuva kokuvakasha kwakhe izinsuku ezimbili emngceleni wase-Beitbridge, uNgqongqoshe wezasekhaya u-Aaron Motsoaledi uphethe ngokuthi abukho ubufakazi benkohlakalo emngceleni.
Bangaphezu kuka-700 abantu ababoshelwe ukuzama ukungena eNingizimu Afrika ngokungemthetho emngceleni ngempelasonto.
“NgoMqgibelo, kuboshwe abantu abangu-437 babuyiselwa emuva ngoba beze lapha ngokungemthetho bengenazo izincwadi ezibagunyaza ukuthi bangene kuleli. Kanti ngeSonto, kwaphinde kwaboshwa abantu abangu-337 babuyiselwa emuva,” kusho uNgqongqoshe.
UNgqongqoshe uthe uMnyango unezinyathelo zawo onazo zokuqinisekisa ukuthi akukho nkohlakalo njengoba sekusungulwe uphiko olusha olubizwa ngokuthi i-Counter-Corruption Unit elilwa nenkohlakalo.
“Umnyango kahulumeni unophiko olulwa nenkohlakalo oluphethwe isekela lomqondisi jikelele,” kusho uNgqongqoshe.
UMotsoaledi uveze ukuthi kunezikhulu zomnyango eziboshiwe kanti ezinye zizoqondiswa izigwegwe ngezigameko ezingadalulwanga.
UNgqongqosge uvakashele emngceleni ngemuva kokuqubuka kwezinxushunxushu ngoMsombuluko, ngesikhathi amakhulu abantu base-Zimbabwe bezama ukuphinde bangene eNingizimu Afrika ngemuva kokuba uMotsoaledi ethathe isinqumo sokungavuseleli izimvume ze-Zimbabwe Exemption Permits (ZEP).
Lesi sinqumo sisekelwe iKhabhinethi nezinhlangano ezimbili ezithi zimele abanikazi be-ZEP abafake isicelo esiphuthumayo eNkantolo enkulu yase-Gauteng ngemizamo yokuchitha lesi sinqumo.
Ingxabano phakathi kwabanikazi be-ZEP kanye noMotsoaledi ibangela ukungavuselelwa kwezimvume zabo njengoba kwakunqunywe isikhathi esiyizinyanga ezingu-12 okwakumele abanikazi be-ZEP bahlele ukuhlala kwabo eNingizimu Afrika ngemithetho efanele yokuthuthela kwelinye izwe.
Esicelweni esilalelwe mhlaka-28 kuZibandlela 2021, izinhlangano ezimbili ezimela abasekeli be-ZEP zifuna iNkantolo ikhiphe izincwadi ezigunyaza ukuthi bahlale ngokugcwele eNingizimu Afrika baphinde bafune uMnyango WezaseKhaya ukuthi unikeze abe-ZEP ama-Visa.
Kanti inkantolo yona ivumelana noNgqongqoshe.
Umthombo wesithombe: @NewZimbabwe