UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele uqinisekise ukuthi sekuboshwe abantu abangu-87 ngoMsombuluko ekuseni ngesikhathi kuqala umbhikisho wokuvalwa kwezwe.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba ngoMsombuluko ekuseni uCele ukuqinisekise ukuthi nakuba i-EFF ithe umbhikisho uzoba nokuthula kodwa akukho njalo.
Ziningi izigameko zodlame ezibikwe emaphoyiseni nokuyinto eholele ekutheni kuboshwe laba bantu. Kulindeleke ukuthi isibalo sababoshiwe sinyuke ngokuhamba kosuku.
UCele uthe abantu abaningi ababoshiwe ngabaseGoli kuze kube manje kulandele i-Free State, kanti i-Eastern Cape yona ingeyesithathu ngesibalo sababoshiwe.
“Kulokhu sizobathatha sibabeke icala ngoba abanakho ukuthula,” kusho uCele.
“Baphazamisa abantu abaya emsebenzini ngokushisa amathayi, bevale umgwaqo nokuthi batshele abantu ukuthi bengayi emsebenzini. Baze bagibele phezulu ezimotweni zabo.”
I-EFF izwakalise ukukhathazeka ngokuthi abaholi bayo basatshiswa abomthetho.
“Sikhathazekile ngeminye yemibiko esiyitholayo yokusatshiswa,” kusho uSinawo Tambo okhulumela i-EFF kuzwelonke .
“Abomthetho bebengena umuzi nomuzi ngaphandle kwezimvume, besesha futhi bashaqa izingqwembe zamanye amalungu ethu bebuza ukuthi ngobani abaholi bemibhikisho. Lokho akwamukelekile,” kusho uTambo etshela i-News24.
Luhlanganiswe ngumbhali we-Scrolla
Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa ami ngomumo ngesikhathi sombhikisho wokuvalwa kwezwe
Umthombo wesithombe: EFF South Africa