Sekubhekwe kwingqungquthela kazwelonke yenqubomgomo

UZukile Majova ubheke umbango olandelayo kubuholi be-ANC e-Nasrec eGoli lapho leli qembu elizobamba khona ingqungquthela kazwelonke yenqubomgomo.

Ubuholi obusanda kukhethwa KwaZulu-Natal kulindeleke ukuthi buhlole ezinye zezinqumo zeqembu kule mpelasonto engqungqutheleni kazwelonke yenqubomgomo, okuhlanganisa nokufuna ukuthi kubhekisiswe umthetho wokuhoxa.

Lo mthetho uthi amalungu abekwe amacala ngamaphoyisa kumele ehle ezikhundleni zawo ukuze kuvikelwe isithunzi seqembu.

Abaholi bohlangothi lwe-Radical Economic Transformation okuhlanganisa noNobhala osamisiwe uMnu Ace Magashule nobeyiMeya yeTheku osehlazweni uNkk Zandile Gumede bathintekile kulo mthetho.

UGumede kudingeke ukuthi anqabe ukuqokwa esikhundleni sokuba uMgcinimafa.

Amaqabane e-RET awinile KwaZulu-Natal azophinde azame ukuphoqa i-ANC ukuthi iphinde ivumele izinhlaka zayo ezisemthethweni ukuthi zeseke esidlangalaleni abaholi abavela ezinkantolo abathweswe amacala okweba izimali zomphakathi.

Umbuso kaRamaphosa ukuchithile lokhu njengoba kwakha isithombe sokuthi i-ANC yeseka inkohlakalo noma iphikisana nohulumeni wayo.

UNobhala osanda kukhethwa esifundazweni uMnu Bheki Mtolo, uthe i-PEC entsha ngeke igcine ngokweseke uMnu Jacob Zuma uma eyovela ezinkantolo, kodwa izohlela amalungu e-ANC azobakhona ezinkantolo esikhathini esizayo.

“Ngeke siye kuphela, sizohlela ukuthi i-ANC ibonakale ukuze kwesekwe uMengameli uZuma,” kusho uMtolo etshela i-SABC.

Amaqabane e-RET ajabulile ngemuva komkhankaso wawo omkhulu wokuvimba uMengameli uCyril Ramaphosa ekutheni athathe ihlandla lesibili kanye noqubuka kogqozi ngokukhethwa kwekomidi eliphezulu KwaZulu-Natal elizimisele ngokumsusa esikhundleni.

Umfutho owethulwe ngabaziwayo abaqotho kulowo owayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma, bawine umbango wobuholi kahle kakhulu.

Kodwa ingqungquthela iphinde yaqinisekisa ukuthi amaqabane kaRamaphosa athola ukwesekwa  ngo-40% emagatsheni esifundazwe phambilini obekucatshangwa ukuthi angaphansi kukaZuma.

Ngokwengqikithi yengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC ezayo ngoZibandlela, iKwaZulu-Natal ibe isifundazwe sokuqala sokuwinwa amaqabane e-RET.

Izihloko zakamuva