Sekubanjwe omunye umsolwa othinteka kwesase-Rosettenville

Everson Luhanga

Amaphoyisa asebophe umsolwa weshumi nanye mayelana nesigameko sokudubula esenzeke e-Rosettenville, eningizimu neGoli ngoMsombuluko.

Amaphoyisa athungathe umsolwa endaweni yase-Tembisa e-Phomolong  afike amthola waboshwa ngoLwesithathu ebusuku.

Amaphoyisa ashaqe izibhamu ezinkulu ezine, izibhamu ezincane ezinhlanu, umfaniswano wamaphoyisa kanye namavesti okuvikela izinhlamvu ze-G4S kanye namavesti okuvikela izinhlamvu zamaphoyisa endaweni aqashe kuyo enegumbi elilodwa.

Omakhelwane baqoqene endlini kwaze kwaba sebusuku ngemuva kokuba amaphoyisa ekhiphe umsolwa egumbini lakhe endaweni ahlala kuyo.

Samsung Galaxy 14G

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa endaweni yesigameko, uKhomishana wamaPhoyisa e-Gauteng uLieutenant-General u-Elias Mawela uthe sekuseduze phambili. 

“Sekulele kuzo zonke izigebengu zase-Gauteng ukuthi zenze isinqumo ukuthi ziyayeka ezikwenzayo noma siyaziphoqa ukuthi ziyeke. Njengalaba asebevele benze ubugebengu obufana nalobu, kukubo ukuthi bayazinikela noma sizofika sizobalanda thina.”

ULieutenant-General Mawela uncoma abakade behola umkhankaso wokubopha umsolwa, okungakadalulwa igama lakhe. 

Ibamba lomphathi kuMnyango wamaPhoyisa kaMasipala waseGoli u-Angie Mokasi kanye nomphathi woMnyango wamaPhoyisa kaMasipala ase-Ekurhuleni u-Isaac Mapeyeye basebenze ngokubambisana namaphoyisa e-SAPS ukuthungatha umsolwa.

ULieutenant-General Mawela uqinisekisile endaweni yesigameko ukuthi umsolwa ubephakathi kweqembu lezigelekeqe elinabesilisa abangu-25 ababandakanyeka ezigamekweni zokudubulana namaphoyisa ngoMsombuluko. 

Amaphoyisa adubule abulala abayisishiyagalombili beqembu ngesikhathi sokudubulana kwaboshwa abayishumi. 

Umsolwa oboshwe ngoLwesithathu ebusuku ungomunye wabasolwa abayisikhombisa abakwazile ukweqa kanti kusukela lapho babalekela amaphoyisa.

ULieutenant-General Mawela uthe kuzo zonke izinto ezingekho emthethweni ezithathwe endaweni okuhlala kuyo umsolwa, ukhathazeke kakhulu ngomfaniswano wamaphoyisa. Umfaniswano uphakamisa ukuthi kunamaphoyisa akhohlakele ahlinzeka izigebengu eziyingozi izinsiza zamaphoyisa.

Ezigebengwini eziyisithupha ezisagcwele izinkalo, ezimbili ngamalungu ombutho wamaphoyisa aseNingizimu Afrika.

Omunye umakhelwane endaweni yesigameko uthe umsolwa ubezithulela futhi ubengayena umuntu obejwayele ukukhuluma nabantu kakhulu.

Scrolla World Cup Quiz