Celani Sikhakhane
Omasipala base-Free State baphathisa uMcwaningi Mabhuku-Jikelele uTsakani Maluleka ngekhanda njengoba abanye babo beqhubeka nokuhambisa imibiko yabo yezimali sekudlule isikhathi.
Ngesikhathi kunombiko wezimali wango-2020 kuya ku-2021 kaMcwaningi Mabhuk-uJikelele ngoLwesithathu, uMaluleka uthe omasipala abayisikhombisa base-Free State abakwazanga ukuhlangabezana nomnqamulajuqu osemthethweni wokuhambisa izitatimende zabo zezimali.
“Ubuholi bethu obucwaninga amabhuku buhlezi buxoxisana nabaphathi bakamasipala nezikhulu eziphezulu zezezimali zalabo masipala ukubakhuthaza ukuthi balethe imibiko,” kusho uMaluleke.
Uthe babikele abaphathi bakamasipala kanye nebhodi lezinhlaka zikamasipala ukuthi ukungalethwa kwezitatimende zezimali kusho ukuthi kunento engekho emthethweni eyenziwayo.
“Ukubambezeleka kwezinhlelo zokuziphendulela kudala umonakalo omkhulu kulabo masipala,” esho.
Uthe kunomasipala ababili ababhekene nesimo esifanayo e-Northern Cape.
I-Scrolla.Africa siyaqonda ukuthi omasipala abaningi bebesesimweni esibi ngokwezimali ngenxa yokuthi imali yadliwa ezinhlelweni zezombusazwe zokukhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya lwangoLwezi nyakenye.
UMaluleka uthe namanje azikacaci izitatimende zezimali zikamasipala wase-Kopanong, e-Maluti-A-Phofung, kanye nase-Masilonyana e-Free State bese kuba umasipala wase-Phokwane e-Northern Cape. Ukwengeza, izitatimende zezimali zango-2019/2020 ze-Maluti-A-Phofung nazo azikalethwa.
Uthi ihhovisi lakhe selixhumane nezimeya, osomlomo, ondunankulu kanye namalungu esigungu esiphezulu ukuze kungenelele ohulumeni basekhaya. Uthe ihhovisi lakhe selidlulisele lolu daba kwiziShayamthetho zezifundazwe, ePhalamende kanye nakuMgcinimafa kazwelonke.
Ngonyaka wezimali wango-2020/2021 u-16% kuphela womasipala abangu-257 abathole umbiko ongenazo izinkinga ngesikhathi kuzocwaningwa amabhuku omasipala abangu-25.
Omasipala baseGoli nase-Western Cape yibona kuphela abangazange bacwaningelwe amabhuku.