Sebetholakele onjiniyela nosonkontileka kulandela ukushona kwabasebenzi abayisishiyagalolunye eGoli

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

Kubhidlike ibhilidi eGoli ngoMsombuluko, kwashona abantu abayisishiyagalolunye kwavaleleka nezisebenzi ngaphansi njengoba amathimba abatakuli esebenze ubusuku bonke.

UNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi uDean Macpherson unxuse abanikazi bebhilidi ukuthi baphumele obala ngemuva kokungaveli kwabo kulandela ukuwa kwebhilidi eGoli.

Kubhilike ibhilidi eGoli ngoMsombuluko kwashona abantu abayisishiyagalolunye kwavaleleka abasebenzi ngaphansi kwemfucumfucu. Amaqembu abatakuli asebenze ubusuku bonke ukukhipha abantu.

UNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi uDean Macpherson uvakashele lesi siza ngoLwesibili wanxusa abanikazi baso ukuthi beze ngaphambili.

“Sinxusa umnikazi wendawo ukuthi aphumele obala aziphendulele, uma amalungu omphakathi enemininingwane ngokuthi bakuphi angabika esiteshini samaphoyisa esiseduze,” kusho uMacpherson.

IMeya yaseGoli uDada Morero ukuqinisekisile ukuthi leli bhilidi kubonakala sengathi lakhiwe ngokuphambana nemithetho kamasipala. Abanikazi bazonikezwa isaziso ngaphambi kokudilizwa kwesakhiwo. Uphenyo kulindeleke ukuthi luthathe cishe amasonto amabili.

IMenenja yeDolobha uFloyd Brink uthe azikho izinhlelo ezigunyaziwe ezitholakele kuleli bhilidi.

“Uma sibheka uphenyo lokuqala, sibonakala singalutholi uhlobo lwezinhlelo ezigunyaziwe ngoba endaweni efana nalena bekumele kube ne-SDF, kanye nezinye izinhlelo zokwakha ezigunyaziwe,” kusho uBrink.

Oyilungu lekomiti lemeya kwezokuPhepha koMphakathi uMngcini Tshwaku uxwayise ngezintambo ezisebenza kule ndawo.

“Akuphephile neze. Lezi yizinto esizozibheka ngoba ungaba nenhlansi, izintambo ezithile lezi nezihlukile,” kusho uTshwaku.

UTshwaku uthe izikhulu sezibatholile osonkontileka nonjiniyela abaxhumene nale ndawo kodwa bebengakakwazi ukufinyelela kubona. Ngokuhamba kwesikhathi uthe ukhonkolo ohlukanisa izitezi ezimbili zebhilidi uwele phansi, okudale ukuthi kudilike.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo eDolobheni laseGoli uXolile Khumalo uthe amathimba amatasatasa ukukhipha iziguli ezimbili ngaphansi kukakhonkolo, kanti umuntu oyedwa akaziwa ukuthi ukuphi ngaleso sikhathi.

UMoro ukuqinisekisile ukuthi isibalo senyuke safinyelela ku-9 ngezithuba zabo-11.30 ekuseni ngoLwesibili.

I-ANC eGoli Region icele ukuthi kuphenywe ngokugcwele ukuthi ngabe ilandelwe yini imithetho yezempilo, ezokuphepha kanye nezabasebenzi.

“Ukuphepha kanye nenhlalakahle yabasebenzi nezakhamuzi akumele neze kuphazamiseke ukuze bathole inzuzo noma kusheshe.

Izakhiwo ezingekho emthethweni nezingagunyaziwe zibeka impilo yabantu engozini futhi zibeka wonke umphakathi engcupheni,” kusho igatsha.

Esithombeni esingenhla: UDean Macpherson endaweni yesigameko eGoli.

Umthombo wesithombe: @DeanMacpherson

Izihloko zakamuva