Sebephila ngawase swimming pool ngenxa yezikhukhula

Sihle Mkhize

Ngenxa yokushoda kwamanzi ezindaweni eziningi KwaZulu-Natal okudalwe izikhukhula zakamuva izakhamuzi eziphuma ezindaweni ezakhelene nedolobha seziqhamuke nezazo izinhlelo ukuze ziphile.

Sebephendukele ekusebenziseni amanzi aphuma kuma-swimming pool kuzo zonke izidingo zasendlini.

Umndeni wakwaDube endaweni yase-Whitfield ngase-Manzimtoti eningizimu yeTheku uphakathi kwalabo abakha amanzi ku-Swimming pool.

Sekuphele izinsuku eziyisikhombisa amanzi enqamukile ngemuva kwemvula enamandla nezikhukhula zangesonto eledlule.

“Isimo sinzima selokhu kuqale izikhukhula ngesonto eledlule njengoba amanzi engekho sekumele ngihambe amakhilomitha amabili ngiyokha amanzi kumngani wami,” kusho uSiya Dube.

Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umndeni wakhe usebenzisa amanzi abawakha ku-Swimming pool ukugeza, ukushaya indlu yangasese nezinye izidingo zasendlini.

Esinye isakhamuzi uMnu u-Ayo Dludla uthe abasezindaweni zasemadolobheni ngaphansi kukaMasipala weTheku abakutholi ukunakwa njengasemalokishini.

“Siphatheke kabi sekuphele isonto lonke kungekho manzi aphuma empompini. 

Njalo ekuseni kufanele ngigcwalise amabhakede ngamanzi aphuma ku-Swimming pool ukuze ngihlanze indlu ngifeze nezinye izidingo zasendlini,” kusho u-Ayo.

“Nginxusa uhulumeni wethu ukuthi agxile nasezindaweni zethu. Awekho amathangi amanzi endaweni engihlala kuyo kuyafana nokuthi silahliwe.”

Okhulumela uMngeni Water uShami Harichunder uthe imisele emibili ephakela amanzi e-Durban Heights Water Treatment Works ibhodloke ngesikhathi kunezikhukhula ezakhelene ne-Molweni e-Nanda.

Amanzi ahlanzwa kulesi sikhungo ahlinzekwa eThekwini Water and Sanitation bese bewadayisela abathengi ezindaweni ezisenyakatho, eningizimu, enkabeni yedolobha kanye nasentshonalanga yeTheku.

Izihloko zakamuva