Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi
Njengoba imithombo yamanzi e-Hwange National Park isingenawo amanzi, izilwane zasendle ezomile ezifana namabhubesi, izindlovu kanye nezimpisi sezehlela edolobheni lase-Zimbabwe ziyofuna amanzi.
Manje izakhamuzi zase-Hwange zihlalele ovalweni njengoba lezi zilwane zasendle eziyingozi zizulazula edolobheni zidinga amanzi nokudla.
Ukulwisana kwabantu nezilwane zasendle sekudlangile edolobheni lamalahle e-Matabeleland North, e-Zimbabwe, ngenxa yokoma kwemithombo yamanzi e-Hwange National Park eseduze.
UTatenda Kamushinda osebenzela inkampani i-Zian Zhong emba amalahle, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi akusaphephile ukuhamba wedwa ngoba izilwane zasendle zihlezi zibonakala zizulazula emigwaqeni.
“Emsebenzini satshelwa ukuthi siqaphe ngoba izilwane ezifana nezindlovu ziyakwazi ukukuhlasela ube usebenzisa umshini omkhulu onjengowami. Njengamanje asazi ukuthi yini okufanele yenziwe ngempela, kodwa izimpilo zabantu zisengcupheni.”
USihlalo we-Greater Whange Residents Trust (GWRT) uFidelis Chima uthe umsebenzi wokumbiwa kwamalahle uyaphazamiseka ngenxa yezilwane zasendle eziphuma e-Hwange National Park.
“Imithombo yamanzi esiqiwini nayo iyasha ngenxa yokushintsha kwesimo sezulu, lokhu kwenza izilwane zasendle ezifana nezindlovu ukuthi zingene ezindaweni ezihlala abantu zifuna amanzi kanti lokhu kuyingozi njengoba kuyisikhathi sokuvuna,” kusho uChima.
I-Hwange Colliery Company Limited (HCCL) ixwayise abasebenzi bayo, izakhamuzi kanye nabashayeli bezimoto ngokuthi kunezilwane zasendle eziyingozi ezizulazula ezindaweni zase-Chaba, i-South Hill kanye ne-JKL ngenxa yokuthi lezi zindawo zisondelene ne-Hwange National Park.
“Kumele baqaphele amabhubesi nezimpisi ezizulazula ezindaweni zase-Chaba nase-Pits futhi bagweme ukuhamba ngabodwa ezindaweni ezihlonzwe njengeziyingozi kakhulu,” kusho isitatimende se-HCCL.
NgoLwezi nyakenye uhulumeni wakhipha isikhwama esizobhekelela abalinyazwe izilwane zasendle njengesinxephezelo emndenini nakulabo abasuke besindile, uphinde wahlinzeka ngezimali ezizosiza ekutholeni amanzi eziqiwini kanye nokuthuthukisa amadlelo.
Phakathi kuka-2021 no-2022, bangu-68 abantu asebeshonile ngenxa yezilwane zasendle kulo lonke elase-Zimbabwe.
Inhlangano ebizwa nge-Zimbabwe Parks and Wildlife Management Authority ithi ukushona kwabantu kubangwa ukugcwala kwabantu ezindaweni okuholela ekutheni kushode amanzi eziqiwini kanti lokho kwenza izilwane zizulazule ezindaweni ezihlala abantu zifunana namanzi.
Isithombe esingenhla: Amabhubesi aphuza amanzi
Umthombo wesithombe: I-Zimbabwe Parks and Wildlife Management Authority